Babhodla umlilo abeSafa, bafuna ubulungiswa

Babhodla umlilo abeSafa, bafuna ubulungiswa
UTebogo Motlanthe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Isikhulu esiphezulu seSouth African Foofball Association (Safa), uTebogo Motlanthe, sithi bafuna kwenzeke ubulungiswa njengoba kwenzeka kuphindwa umdlalo weBafana Bafana neSenegal phambilini.

UMotlanthe usho lokhu ngesikhathi eqinisekisa ukuthi beyiSafa bazofaka isimangalo kwiCAF nakwiFIFA kulandela ukushaywa ngendlela engacacile yiGhana emdlaweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eCape Coast, ngeSonto.

Ngo-2018 kuyona imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba iBafana yathola iphenathi eyakhulumisa emdlalweni eyawuwina ngo 2-1.

ISenegal yafaka isikhalo umdlalo wagcina ngokuphindwa, iBafana yashaywa ayangaya kwiNdebe yoMhlaba eRussia.

“Sizoyibheka kakhulu into eyenziwa yiFifa ngesikhathi isiphoqa ukuthi siphinde sidlale umdlalo wethu neSenegal.

“Sicabanga ukuthi uma ubulungiswa kumele benzeke, isinqumo esifanayo kumele sithathelwe iGhana,” kusho uMotlanthe.

NgeSonto unompempe obedlalisa lo mdlalo ubeke iphenathi ngomzuzu ka-33 kodwa bekucaca ukuthi uRushine De Reuck akazange amphushe umdlali weGhana ebhokisini.

IGhana iwine lo mdlalo ngo 1-0, kanti iphenathi ishaywe ngu-Andre Ayew othe beyifanele ibekwe le phenathi futhi bancishiwe amanye.

“Ngokwethu sibona ukuthi abaphathi bomdlalo yibona ababe nesandla ngomphumela womdlalo, okuyinto okungamele yenzeke.

“NjengeSafa sesivumelene ukuthi sizobhalela iCAF kanjalo neFifa,” kusho uMotlanthe.

“Okokuqala sifisa kuphenywe ukuthi umdlalo uphathwe kanjani nokuthi sifake isikhalazo ngezinye zezinqumo.

“Sizobhala isimangalo ngokusemthethweni, okwamanje sisendleleni ebheke ekhaya.”

Uveze ukuthi ngoLwesithathu bazoba nesithangami nabezindaba njengoba ibikile Impempe odabeni lwayo.

“Sizohambisa yonke into ezobe ihambisana nobufakazi bokuthi mhlawumbe umdlalo kukhona okwenziwe ngawo, nomake kukhona abebekudlile onompempe ngaphambi kwawo.

“Siphoxekile ngendlela abenze ngayo futhi ngeke le nto siyiyeke ibulale abadlali bethu.

“Sizizwa sirobhekile kakhulu ngoba akubanga isigameko esisodwa sephenathi kuphela, ziningi ezinye izinqumo ezishiya imibuzo ezenziwe onompempe.”

FUNDA NALA: Ngongaphansi nongaphezulu kuPitso neSundowns ezinkantolo

Lesi sikhulu sithe akukho abakhala ngakho ngendlela abasadlale ngayo kule midlalo yokuhlunga.

“Sithanda ukubonga ithimba labaqeqeshi nabadlali bethu ngokwenza umsebenzi ngendlela.

“Basimele ezwenikazi i-Afrika ngendlela ehlonipheke kakhulu. Ngisho lokhu ngoba bengilokhu ngihamba nabo futhi bekungelula.

“Indlela abazinikela ngayo enkundleni iyamangalisa. Laba ngabadlali abebefuna ukwenza konke ukumela izwe labo.

“Bebezimesele ukufela enkundleni, futhi siyazi bebengeke bakwenze lokho ngaphandle kokuholwa ngendlela yithimba labaqeqeshi.

“Kubalandeli ngithi qhubekani neseke iqembu njengoba siqhubeka nokulwa nalesi sinqumo.

“Noma kwenzekani leli yiqembu elidinga ukwesekwa,” kuphetha uMotlanthe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.