Babongele uLorch kuvela isithombe sentombi yakhe izithwele

UThembinkosi Lorch
Intatheli yeMpempe

Izinkundla zokuxhumana sezivele zagcwala isithombe sentombi kaThembinkosi Lorch, uNatasha Tahane, ekhombisa ukuthi uzithwele.

UNatasha usifake ezinkundleni zakhe zokuxhumana lesi sithombe esesisuse isasasa. Le ntokazi engumlingisi iyisinqandamathe sikaLorch.

ULorch ngumdlali we-Orlando Pirates osanda kubuya ekulimaleni okumhlalise ngaphandle isikhathi eside.

Bake bafaka nezithombe zabo beseholidini kodwa bazama ukufihla ukuthi bandawonye. Nokho abantu bakwazi ukuzihlanganisela ukuthi laba bandawonye.

FUNDA NALA: Ungene enkundleni nembokodo owesifazane belimaza isoka lakhe

Bagcina bephumelile obala, uLorch efaka izithombe zabo bendawonye emotweni. Nokho eyokukhulelwa bazamile ukuyifihla njengoba seyivela manje.

Akwaziwa ukuthi izinyanga sezingaki kuNatasha kodwa isisu sikhomba ukuthi cishe akusekude atete.

Abantu bamjabulelile uLorch ezinkundleni zokuxhumana, bembongela ngokuthi usezoba ngubaba.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.