Babuye kahle kuphele inyanga abeChiefs abebelimele

Babuye kahle kuphele inyanga abeChiefs abebelimele
Sbongs Gumbi

Kubuya abadlali abamqoka abebelimele kwiKaizer Chiefs njengoba izobhekana neStellenbosch FC emdlalweni obalulekile weMTN8 ngeSonto ntambama.

Amakhosi azogadulisana naleli qembu elivamise ukuwathwalisa kanzima eDannie Craven Stadium ngo 3 ntambama.

Okujabulisa umqeqeshi u-Arthur Zwane wukuthi uzobe esehlome ephelele ikakulukazi phambili la kubuye khona u-Ashley Du Preez obelimele.

UDu Preez ulimale ngesikhathi esengena egiyeni kwiChiefs afike kuyo ekuqaleni kwesizini esuka kwiStellies le abazobhekana nayo.

Nokho uZwane usekuqinisekisile ukuthi uDu Preez uyabuya benoSifiso Hlanti odlala emuva nobesenesikhathi eside agcina ukudlala. 

“Sizobe sishoda ngoYusuf Maart, (kodwa) uyabuya uSifiso Hlanti ngoba uReeve (Frosler) usazongadlali isikhathi eside (ngenxa yokulimala),” kusho uZwane ngeSonto ekuseni. 

“Kubuya no-Ashley du Preez, yize sizomdlalisa ngokucophelela. Asifuni ukumxina kakhulu kodwa siyazi uzosisiza ukusuka manje kuya phambili.  

“Sisazolinda nalaba abanye abadlali bangaphandle abasalinde izimvume zabo zokusebenza.” Labo ngo-Edmilson Dove waseMozambique noCaleb Bimenyimana waseBurundi.

FUNDA NALA: Idlublundele kunzima iPirates idlula kwiRoyal AM kwiMTN8

“Ngale kwalokho sineqembu eliphelele ngakho sekusele kithi ukuthi siqoke abadlali abangu-11 abazomela iqembu benze umsebenzi ofanele.”

UZwane uveze nokuthi abadlali bakhe bazimisele njengoba bezobhekana neStellies eyiqembu elivamise ukubathwalisa kanzima impela.

“Bafuna ukuwina. Ngisho ejimini bewubona ukuthi bazimisele kanjani, osekusele manje wukuthi singene enkundleni senze umsebenzi ngendlela esihlele ngayo.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *