Bacishe baqedana ngengqindi bebanga umfazi abadlali bePSL

Bacishe baqedana ngengqindi bebanga umfazi abadlali bePSL

 

Bakhohliwe ukuthi bangabadlali bebhola bahlubana ngenqindi oBongani Zungu weMamelodi Sundowns noGeorge Lebese owayedlala kuyo iSundowns phambilini.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo, bephakathi kwamabili ebusuku ngesikhathi laba badlali benqwamana eRosbank kwasuka esinamathambo.

Kuthiwa bebebanga intombi nokusokala ukuthi ingumfazi kaLebese. Akucaci ke ukuthi kuze kubangwe umfaz nje kwenzeke kanjani.

Kodwa kuthiwa kusuke esinamathambo lapho kwaze kwangenelela abaqaphi okuyibo abagcine beyilamulil le mpi ebisithanda ukuba yimbi.

Bese kushoda ozogadla phakathi kwabo. Lesi sehlakalo sishiye abantu ekade bekhona bethukile njengoba bebahlonipha kakhulu.

“Abantu basale basola unkosikazi kaLebese ngokuthi uyena obaqhathile. Bathi ubenokubukela phansi umyeni wakhe elokhu ezisondeza kuZungu.

FUNDA NALA: Ukhonjwa indlela uSamir Nurkovic kwiRoyal AM

“UZungu ubembona engumaliyavuza wabe esethatheka kanjalo. ULebese akumhambeli kahle ezimalini njengoba engenaqembu nje kumanje.

“Usenkingeni ke kodwa uLebese lo mfazi wakhe uzombulalisa nabantu uma eqhubeka kanje. Indlela abemlwela ngayo ububona ukuthi yena uyamthanda bandla umkakhe,” kusho umthombo.

Ukuthi uZungu njengoba esanda kubuyela kwiSundowns okuthiwa inemithetho eqinile bekwenzeke kanjani abe ngaphandle ngalezi zikhathi akucaci.

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *