Bafakane enkantolo bebanga iKaizer Chiefs

Sihle Ndlovu

Ukubaluleka kokusingatha iqembu elinabalandeli abaningi kunabo bonke ebholeni laseNingizimu Afrika sekuhlale obala emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) nasemadolobheni akuleli.

Njengamanje umasipala wasePolokwane sewufake iMarumo Gallants enkantolo ngokwephula isivumelwano esisayinelwe mayelana nomdlalo ezowudlala neChiefs ngeSonto. Lokhu kulandela ukuthi leli qembu lisuse umdlalo weDStv Premiership ePolokwane lawusa eRoyal Bafokeng Sports Palace, eRustenburg. Le nkundla iyikhaya lesibili leGallants njengoba ijwayele ukusebenzisa iPeter Mokaba Stadium emidlalweni yasekhaya.

Umasipala ukholwa wukuthi umdlalo othinta iChiefs uyasiza ukufaka imali ngoba inabalandeli abaningi. IGallants isebenzisa le nkundla mahhala bese icazelane imali eyithola esangweni nomasipala.

Ngokusho kweFarPost leli qembu lihehwe yiRoyal Bafokeng Nation (RBN) okuvela ukuthi ibeke imali elinganiselwa ku-R4 million ukuthi lidlalele imidlalo yalo emikhulu eRustenburg. Nokho umasipala wasePolokwane usuyise lolu daba enkantolo emizameni yokuvimba umdlalo wangeSonto ukuthi uye eRustenburg. Icalabe kulindeleke ukuthi lingene ngoLwesithathu (Septhemba 7) eLimpopo High Court, ePolokwane.

“Abammeli bezinhlangothi zombili (iGallants nomasipala) sebenikene amaphepha athinta lolu daba. NePSL seyifakiwe kulona,” kusho umthombo okhulume neFARPost.

“NgoLwesithathu kuzobe sekuyiwa eHigh Court kanti lolu daba lushubile kakhulu.”

Emasontweni edlule uJohn Comitis, ongusihlalo weCape Town City, uveze ukuthi uma bedlala neChiefs amathikithi bawabiziza u-R100  lilinye yize kwamanye amaqembu eba ngu-R40 no-R60. Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi kubaluleke kanjani emaqenjini, amadolobha nomasipala baseMzansi ukuvakashelwa yiChiefs emidlalweni yeligi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *