Bafuna ukubangisa uKhoza esikhundleni sokuhola iPSL

Bafuna ukubangisa uKhoza esikhundleni sokuhola iPSL
UStan Mathews
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi kunezikhulu ezintathu zebhola kuleli eseziveze isifiso sokuqumba phansi u-Irvin Khoza esikhundleni sokuhola iPSL.

UKhoza nguye ohola le nhlangano eyengamele ibhola elikhokhelayo kuleli kusukela yasungulwa ngo-1996.

Ezinkethweni ezidlule uKhoza ubeqokwa kulesi sikhundla engabangiswa muntu njengoba ebebonakala enza umsebenzi omuhle.

Nokho iDaily Sun seyibike ukuthi oJohn Comitis, Robert Bernardie noStan Mathews bangase balungenele ukhetho lokuba ngusihlalo uma sekuqokwa ubuholi obusha ngo-2024.

FUNDA NALA: UMakhaula ukhala ngokubhekwa yisambane kwaMaZulu

UKhoza ubuyiselwe kulesi sikhundla ngoNovemba nyakenye kanti bekungekho muntu ombangisayo.

Enkulumweni yakhe waveza ukuthi sekungenzeka abuye acabange ngokushiya kulesi sikhundla ukuze kungene abantu abasebasha.

Lo sihlalo we-Orlando Pirates uzohlanganisa iminyaka engu-74 ngenyanga ezayo kanti ngo-2024 uzobe esenengu-76.

Wakuveza nokuthi uzoqala umkhankaso wokufundisa abathile ngomsebenzi wokuphathwa kwale nhlangano ukuze kushaye isikhathi sokushiya kwabo sebeqine ukhakhayi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.