Bagoloze ukujima abeSwallows abangaholile – umbiko

Bagoloze ukujima abeSwallows abangaholile - umbiko
Intatheli yeMpempe

Sekuvele ukuthi abadlali beqembu lePremier Soccer League banqabile ukujima kulandela ukungaholi izinyanga zilandelana.

Ngokokubika kweKickOff.Com, abadlali beSwallows FC bavele bathi bona sebekhathele wukudlala leli qembu libasebenzisa kodwa bengaholi.

NeMpempe ike yabika ezinyangeni ezimbalwa ezidlule ukuthi uTebogo Langerman wayeka ukuzicija naleli qembu kulandela ukungaholelwa izinyanga ezimbili ngasekupheleni konyaka odlule.

“Abadlali abasaholi kwiSwallows okuyinto eqale ukwenzeka ngoNovemba nyakenye,” kucashunwe isikhulu senyunyana yabadlali kuleli uCalvin Motloung esho kanje.

“Sangenelela kulento ngoba sibhekelela amalungelo abadlali. Saba nomhlangano nabaphathi beqembu ngodaba lwamaholo angakhokhiwe.

“Kodwa abadlali babuyela kithi bathi asilinike isikhathi iqembu ngoba abaphathi bebathembise ukuthi bazokhokhelwa.

“Nokho ke manje sithole ukuthi kunabadlali abangaholelwa kusukela ngoNovemba nyakenye kuze kube namuhla.

“Abadlali beze kimi sabe sesenza lokho obekufanele sikwenze, sabhala izincwadi sitshela iqembu ukuthi kumele likhokhele abadlali.

“Ngibe nomhlangano nabaphathi okungo(David) Mogashoa no(Sipho) Xulu, kodwa behlulekile ukukhokhela abadlali.

“Abanye basakweletwa imiholo kaMashi neka-Ephreli, kanti abanye kusukela ngoFebhuwari abaholi. Yingakho ke udaba sesiludlulisele kwiPSL manje.”

FUNDA NALA: Sekwandiswe isibalo sabasubathi abazogijima iComrades Marathon

Uthe bebona ukuthi izimfuno zabo zokukhokhelwa azinakwa yiqembu, abadlali banqabile ukuya ejimini ngoMgqibelo.

“Banqabile kusukela ngoMgqibelo ukuya ejimini, bethi bafuna kukhokhwe imiholo yabo kuqala. ABafikile abaphathi bezokhuluma nabobathembisa ukusilungisa isimo.

“Nanamuhla ntambama iqembu bekumele lijime kodwa abadlali bavumelana ngokuthi ngeke balubhade kuze kube bayakhokhelwa.

“Sesiyakwazi okwenzekayo kwiSwallows futhi sesizosiqapha isimo sakhona. Abaphathi bazophinde bahlangane nabadlali futhi namuhla (ejimini),” kusho uMotloung weSouth African Football Players’ Union (Safpu).

Isikhulu seSwallows uXulu yena uvele wakuphika konke lokhu, wathi uyaqala ukuyizwa yonke lento.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.