Bagolozile ukuziqeqesha abadlali abangaholile kwiRoyal AM

Bagolozile ukuziqeqesha abadlali abangaholile kwiRoyal AM
Abadlali beRoyal AM
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi abadlali beRoyal AM bagolozile ukujima ngoLwesine ngoba bezwakalisa ilaka labo ngokungaholi kwabanye babo.

Kuthiwa abanye bathole imiholo engaphelele. Ngokubika kweFar Post, kuningi okunye abadlali abangenelisekile ngakho.

Kubikwa ukuthi babethenjiswe nezindawo zokuhlala ezingcono nabazokwazi ukuthi abanemindeni bayi;lande bahlale nayo kuzo.

Kodwa lokhu akukenzeki njengoba bekhentshiswe enkambini yaleli qembu ebizwa ngokuthi kuseplazini ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Kuvele nokuthi umnikazi weqembu, uShauwn “MaMkhize” Mkhize usecele ukuba ahlangane nabo abadlali ngokushesha ngawo uLwesine ukuze kudingidwe izikhalo zabo.

FUNDA NALA: UBartlett unxenxa abeBafana ukuthi bangadembeseli

IRoyal AM ithenge isitifiketi seBloemfontein Celtic sokudlala kwiDStv Premiership sekusele izinsukwana iqale imidlalo yeligi.

Lokhu kuyenze yazithola seyinabadlali abangaphezu kuka-60 kanti yikho lokhu okwenza bagcine sebelala ngabane egunjini elilodwa kule nkambi yeqembu.

Ngisho abaqeqeshi kuthiwa balala bebaningi egunjini elilodwa okwenza kube nzima nokuthi bakwazi nokukhululeka ebusuku.

Bagolozile ke ukuqhubeka nokujima benze sengathi yonke into ihamba kahle. iRoyal AM isashaywe kuyo yomibili imidlalo esayidlalile

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.