Bagonqile abamaGlug-Glug abatholwe benegciwane leCovid-19

Bagonqile abamaGlug-Glug abatholwe benegciwane leCovid-19
UThabiso Monyane
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sebegoyisiwe abathathu beqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka-23 abatholwe benegciwane leCovid-19. Leli qembu seliseJapan la liyodlala khona kuma-Olympics.

Ngokubika kweSouth African Football Association (SAFA), abadlali ababili, oThabiso Monyane noKamohelo Mahlatsi ne-video analyst, uMario Masha sebeqalile ukugonqa futhi bazohlala kanjalo izinsulu ezingu-14.

Lokhu kusho ukuthi ngeke babe khona uma leli qembu selidalla umdlalo wokuqala nelasekhaya iJapan ngoLwesine. Kuyaxaka ke nokho ukuthi bayithole kanjani iCoronavirus laba abathathu ngoba bebegonqile izinsuku eziyishumi futhi bahlolwa ngaphambi kokuhamba kuleli.

“Ilungu ngalinye leqembu leNingizimu Afrika bekudingeka lithole incwadi kadokotela okuyingxenye yokuthi livunyelwe ukungena eqenjini. Ngaphezu kwalokho, banxenxiwe ukuthi bagonqe amasonto amabili.

“Bebebhekwa isimo sempilo njalo ngosuku, babike uma kunezimpawu zomkhuhlane baphinde bahlolwa kwaze kwakabili ngaphambi kokuthi kuhanjwe. Lokhu bekuyinxenye yemigomo yemidlalo yama-Olympics,” usho kanje uDkt Phatho Zondi ophethe ithimba lezempilo leqembu lakuleli.

“Isikhathi okutholakale ngaso ukuthi banaleli gciwane siveza ukuthi ngesikhathi behlolwa ekhaya (eNingizimu Afrika) lalisacashile igciwane. Yilokho okungenza ukuthi livele manje uma sebehlolwa lapha eJapan.

“Sebevele bafakwe ohlelweni lokugonqa futhi bazohlala khona bagadwe ngabezempilo. Ngeke bavunyelwe ukuhlangana nabanye abadlali noma bazicije nabo,” kuqhuba uDkt Zondi.

Ngaphambi kokuthi elakuleli lihambe, kwahoxa abadlali abahlanu ngenxa yezizathu zezempilo ezehlukene okukholakala ukuthi kukhona nabatholwa benaleli gciwane.

OLyle Foster, Fagrie Lakay, Abbubaker Mobara, Sipho Mbule noKeletso Makgalwa bahoxa ekuhambeni neqembu ngenxa yezizathu zezempilo iSAFA engazange izidalule.

FUNDA NALA: Uphazanyiswe wukubheduka kwezibhelu ofuna ukuthenga iMaritzburg United

NakwiBafana Bafana, ebidlala kwiCosafa Cup eGqeberha, baningi abatholwe benaleli gciwane bagcina behoxisiwe. Abanye batholakale ukuthi banalo sebesekhempini babe sebegonqiswa.

Kulaba singabala noHelman Mkhalele oyibamba lomqeqeshi noLucky Shibhuri oqeqesha onozinti. Nokho laba sebekhululiwe ngemuva kokugonqa izinsuku ezilishumi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *