Bahlongoza ukubuyisa iJacob Zuma Marathon

UJecob Zuma owayenguMengameli wakuleli ngesikhathi kwethulwa umjaho

ALFRED NGUBANE

Isikhulu esiphezulu kwa-Arthur Ford Athletics Club, uThabane Ngubane usehlebele impempe.com ukuthi unesifiso sokuvusa umjaho iJG (Jacob Gedleyihlekisa) Zuma Marathon, eginjinywa phakathi kweGreytown neMpolweni. Uyibanga lika-42km.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mjaho wabe ongomunye wenemuhlomulo econsisa amathe kubagijimi njengoba bewuholela uR100 000 kwabawinile emkhakheni wabesilisa nowabesifazane ngokufanayo.

Lo mjaho waphela ngo-2018 kulandela ukuswela abaxhasi ngemuva kokuthi uJacob Zuma eshenxile esikhundleni sakhe sokuba nguMengameli wezwe.

Lokhu kwashiya abasubathi abaningi bekhala kwazise wawusungomunye wemijaho abayibheka ngabomvu. Lo mjaho wasungulwa kunesasasa ngo-2016, futhi abagijimi bawujabulela kakhulu.

“Uthando lokubona lo mjaho uvuka uqhubeka lusuka ekutheni ububeka ebalazweni idolobha laseMgungundlovane elaziwa ngomlando wempi kaKhanda Pondo eyayiphakwe yinkosi yakwaZondi uBhambatha kaManciza kanye nenkosi yakwaShezi uSgananda Phum’eNkandla.

“Omunye umlando ngaleli dolobha owokuthi yilapho kwaboshwa khona Isilo uDinuzulu ngamaNgisi.

“Ukugijinywa kwalo mjaho kwaletha amathuba amaningi ngokuba khona kwahlomula namalungu omphakathi,” kusho uNgubane.

Uthe izinhlelo zabo beziphazanyiswe wukuthi bebungekho ubuholi bezokusubatha KwaZulu-Natal kulandela ukuhlakazwa kweKZN Athletics.

Nokho busanda kuqokwa ukuholi obusha obizokwengamelwa nguSteve Mkasi. UNgubane uthi nesimo sokudlanga kokhuvethe, iCovid-19 sibahlinzele ezibini.

Lokhu kwadala ukuba kumiswe yonke imicimbi yokugijima, kodwa uthi sekuyakhanya phambili njengoba sekuvuliwe nje.

UNgubane naye ungumgijimi kanti isele wagijima kwiTwo Oceans, Jacob Zuma ukukha phezulu emjahweni aseke wabonakala kuyo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.