Bahlukene uMabhida neXCel kodwa abaxabene neze

o mqeqeshi usekhiqize inqwaba yabagijimi abaqavile kanto aziwa ngaye kakhulu nguBongumusa Mthembu. IXcel ikhiphe isitatimende ichaza ngokuhlukana kwayo n
UXolani Mabhida
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UXolani Mabhida usehlukene nenhlangano yabasubathi, iXcel Running Club abengumqeqeshi wabasubathi bayo. Ubudlelwano buzophela ngokusemthethweni ekupheleni kukaJuni.

Nokho akuxatshenwe neze, kuvunyelwene kahle nje. UMabhida, ongumqeqeshi onohlonze futhi ohlonishwayo kwezokusubatha kuleli, usanda kuqala inkampani yakhe iMabhida Coaching Services.

Lo mqeqeshi usekhiqize inqwaba yabagijimi abaqavile kanto aziwa ngaye kakhulu nguBongumusa Mthembu. IXcel ikhiphe isitatimende ichaza ngokuhlukana kwayo noMabhida.

“Abaphathi beXcel Running Club bazisa umphakathi ukuthi kusukela ngoJulayi 1, 2021 umqeqeshi uXolani Mabhida uzobe engasasebenzi kule nhlangano. Kuzokhumbuleka ukuthi iXcel Running Club yaqasha uMabhida njengomqeqeshi wohlelo olubizwa nge-Elite Program,” kufundeka ingxenye yalesi sitatimende.

“Nokho ngemuva kokuxoxisana nokucubungulisisa ngombono wakhe ngeMabhida Coaching Services kuvunyelwene ukuthi akhululwe ukuze agxile ngokugcwele kule nkampani yakhe ekhulayo.

“Yileso isizathu esenze sahlukana noMabhida. Uzoqhubeka acije abasubathi bethu abafisayo ukusebenza naye ngokuzimele. Sinobudlelwano obuhle kakhulu noMabhida kusukela le nhlangano yasungulwa ngo-Okthoba ka-2020.

“Sizoqhubeka nokusebenzisana naye nangokuzayo. Simfisela okuhle uMabhida kulo msebenzi wakhe omuhle,” kuphetha lesi sitatimende.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.