Bajabule baze bamqamba igama elisha uTau eweza i-Ahly

Bajabule baze bamqamba igama elisha uTau eweza i-Ahly
UPertcy Tau noPitso Mosimane

OkaDonga Gumbi

UPercy Tau usenegama lesidlaliso elisha aliphiwe kwi-Al Ahly ngoMgqibelo kulandela ukudlala ingcwenga yento.

UTau nguye oqokwe njengomdlali ovelele ngemuva kokuba bebhaxabule i-ES Setif yase-Algeria ngo 4-0 emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.

Uvule inkundla ngomzuzu ka-30 kwathi kusaphele imizuzu emihlanu ukusukalapho, iSetif yasala ingasaphelele u-Amir Karaoui esekhishwe ngekhadi elibomvu.

Esiwombeni sesibili uTau ube esephakela oTaher Mohammed noMohammed Sherif amabhola amahle, nabo abangalenza iphutha balinamathisela enethini.

Kuthe usuyiphela umdlalo, wabe eseshayela isipikili sokugcina uTau ngelinye igoli elenze waqansa kakhulu umsebenzi kwiSetif emlenzeni wesibili.

Abe-Al Ahly babe sebeshicilela ezinkundleni zabo zokuxhumana bencoma lo mdlali waseNingizimu Afrika bemnika negama elisha lesidlaliso.

“UPercy Tau ube ngumdlali ovelele kulo mdlalo… UTsiki-Tsiki, show me your number,” kubhalwe kanje kwiTwitter yaleli qembu lase-Egypt.

I-Ahly seyibheke ukudla isicoco seChampions League okwesithathu kulandelana ngaphansi kukaPitso Mosimane

Leave a Reply

Your email address will not be published.