Bakhala ezomathonsi abadlali beBeach Soccer ngokungaholi

Bakhala ezomathonsi abadlali ngokungaholi abeBeach Soccer
Alfred Ngubane

Kuxabene ubendle enhlanganweni ephethe ibhola lasolwandle (elibizwa ngeBeach Soccer) kuleli iProfessiona Beach Soccer League.

Impempe seyizwe ngabadlali abaningi ukuthi banesikhalo ngokuthi abatholi ngisho indibilishi selokhu kwaqala le midlalo eThekwini.

Iligi yalolu hlobo lwebhola isanda kusungulwa kanti yaqala kunesasasa nezethembiso zokuthi izoba ngesezingeni elikhokhelayo.

Omunye wabadlali okhulume neMpempe kodwa wayidonsa ngendlebe ukuthi ingalivezi igama lakhe ngenxa yokusaba ukuthi uzoba mubi kubaphathi uveze amahlazo akule ligi.

Uthe sekuphoqe ukuthi kube nomhlangano eKingsmead Stadium okuthiwa usunyakazise kakhulu izikhulu ngoba ziyabona ukuthi leli bhodwe eliconsayo liyasha manje.

FUNDA NALA: IChiefs isingase imthole manje uSithebe

“Kumanje kuyabhungwa kodwa akulula ukuthi kube khona ushintsho ngale midlalo,” kusho lo mdlali.

“Sathenjiswa imali kodwa lutho kuze kube manje, ngisho indibilishi le lutho. Le midlalo iqale ngonyaka odlule ngoNovemba. Sezintathu izinyanga singatholi lutho.”

Abaphathi bale ligi bebethembise ukubuyela kwiMpempe ngalolu daba kodwa abatholakalanga saze sayoshicilela.

Email: editor@impempe.com | Facebook: Impempe SA | Twitter: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.