BAKHUZ’IBUYA: OSokhela babuyela ebholeni ngemuva kokudayisa AmaZulu

ULunga Sokhela
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Ukhuza ibuya ebholeni mndeni wakwaSokhela obuphethe AmaZulu FC phambilini. Impempe ihletshelwe lezi zindaba ngumthombo osondelene kakhulu nalo mndeni, wathi uLunga Sokhela, noyise uPatrick Sokhela basezinhlelweni zokuthenga iqembu elidalala kwi-ABC Motsepe League.

“Sekuseduze baqede bese bekwazi ukukuveza emphakathini. Izigxoxo zokuthenga iqembu eziphakathi kwabaphathi balo nomndeni wakwaSokhela sekuseduze ziphothulwe,” kusho lo mthombo. Ucele singamdaluli ngoba usondele kakhulu kubaphathi bezinhlangothi zombili kanti abamgunyazile ukuba azidalule.

OSokhela banomlando omude kunobhutshuzwayo kuleli njengoba kade bephethe uSuthu phambilini. Bagcine bephoqeleka ukuludedela kulandela ukudonsa kanzima kwezezimali ngenxa yokuvalwa kwezwe obekuphoqelelwe wukubheduka kweCodiv-19.

Nokho baqinisekisa ukuthi baludlulisela ezandleni ezifanele Usuthu njengoba balunika injinga yaseThekwini, uSandile Zungu. Lugila izimanga ke Usuthu ngaphansi kukaZungu ongasabi ukufaka isandla ephaketheni athenge abadlali abasezingeni eliphezulu.

Uthando lwebhola aluphelile koSokhela njengoba manje sebeqala phansi. Ebuzwa ngalezi zindaba uLunga Sokhela, uvele wangaphumela obala ngokuthi aphike noma avume.

Kodwa umthombo uthe izinhlelo zabo wukuthi balithathe leli qembu banyuke nalo baze bayongena kwiDStv Premiership kwazise sebenamava ekuphatheni iqembu.

“Kuyacaca banombono ohluzekile ngaleli qembu uma ubezwa bekhuluma ngoba kucace bha abafuna ukukwenza ngalo,” kuphetha umthombo.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.