Balishintshe kakhulu iqembu lePirates uDavids noNcikazi

uDavids
UTebogo Thlolane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Baveze esabo isandla abaqeqeshi be-Orlando Pirates ababambisene kulo msebenzi oFadlu Davids noMandla Ncikazi bebophela iqembu elizodlala umdlalo wokuqala weDStv Premiership.

IPirates izobhekana neStellenbosch FC e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama emdlalweni wokuvula isizini.

Leli qembu lisale lingenayo umqeqeshi ngemuva kokwesula isigubhukane kukaJosef Zinnbauer ngoMsombuluko ntambama.

Lokhu bekungemuva kokuthi iqembu lidlale indavundavu futhi lashaywa kabuhlungu yiSwallows FC emdlalweni weMTN 8 ngempelasonto edlule.

Uhamba nje uZinnbauer ubesevele eseyiqaqa kubalandeli bePirates abebebona ukuthi awukho umehluko azowenza ukucija leli qembu libe yingozi.

Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa iDStv Prmeiership ngokusemthethweni ngoLwesithathu, uFadlu Davids uthe uma ebheka abadlali abanabo lukhulu abangalwenza.

“Kuwumsebenzi wethu ukubheka bonke abadlali, sibone ukuthi sinabaphi bese siphuma siyocinga abazosiza la sishoda khona.

FUNDA NALA: Kubhekwe iManchester United eqale ngegiya eliphezulu kwi-English Premier League

“Uma ubheka, kuyathembisa ukuthi kuningi esingakuzuza ngokwezinga labadlali esinabo. Okumele sikwenze wukuthi sibakhulule badlale, bazibonakalise.

“Kumele bawaveze amakhono abanawo, uma kunjalo, nakanjani isizini iyophela sisendaweni engcono kakhulu,” kusho uDavids osehlale isikhathi eside eyiphini kwiPirates.

Ibophele kanje iPirates (4-3-3): Ofori – Nyauza, Thlolane, Jele, Hlatshwayo – Mosele, Dlamini, Mabaso – Shandu, Hotto, Mhango

Ebhentshini: Mpontshane, Pule, Mthethwa, Dzvukamanja, Cwinyane, Zungu, Sam, Makaringe, Mabasa

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.