Bamcike wabagxeka esidlangalaleni okokuqala abadlali bakhe uMalesela weChippa

UDan Malesela

Sibongiseni Gumbi
Cishe bekungokokuqala uDan “Dance” Malesela egxeka abadlali bakhe esidlangalaleni kwazise uvamise ukubavikela ngisho bemhlinzele ezibini.
Kodwa ukungeneliseki bekubhalwe ebusweni kulo mqeqeshi ngemuva kokubambana neSwallows FC ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium, eQqeberha ngoMgqibelo.
Bamdumaze kakhulu uMalesela abadlali bakhe beyeka iDube Birds ibaphendula olamthuthu, ibathithizisa umdlalo uqala nje.
Kuphele imizuzu eyishumi yokuqala iSwallows seyihamba phambili ngo 2-0, kodwa iChilli Boys yakwazi ukubuya igcine iqhwage iphuzu kulo mdlalo, isindisa lo mqeqeshi olakeni likasihlalo weqembu, uSivuyile Mpengesi owaziwayo ngokungakubekezeleli ukubhacaza.
“Ziningi izinto ezingiphoxile,” kusho uMalesela ngemuva komdlalo. “Ngiphoxekile ngokuthi sibaphe amagoli esiwombeni sokuqala ngoba nje nakhu sihlukwa wukulidlala ibhola likithi, kwenzeke lokho kuze kube kabili pho. Akulungile lokho,” kuqhuba yena.
Ukube iwinile iChilli Boys kulo mdlalo, beyizoya ekhefini lemidlalo yamazwe ngamazwe isithe ukuqhela ezembeni.
Kodwa manje isabambeke khona ngasezembeni njengoba isendaweni ka-14, inamaphuzu angu-17 kanti ishiya iBlack Leopards eyibambe emsileni ngamahlanu kuphela.
“Nakhoke sesibuyile salinganisa kwaba ngu 2-2, bakhishelwa umdlali ngekhadi elibomvu kodwa think sanquma ukuthi, ‘hhayi, sesingaphumula manje, sesiwuqedile umsebenzi wosuku’.
“Angazi noma bakhathele noma yini ngalaba badlali… angiyizwa nje lento yabo.
“Uma ufaka abasuka ebhentshini usuke ulindele umfutho omusha, ufuna ukubona umehluko kodwa bavele bamdumaze nje kungajiki lutho olukhombisa ukuthi basanda kungena.
Usole ubudedengu ngalamagoli amabili abawadedele zisuka nje, ethi abafana bakhe badlalise okwama-amesha.
“Kube amaphutha nokungakwazi ukuvala isikhala ngoba kunabantu abebelinde ibhola like kubo, bengayi bona kulo.
“Yazi angithandi ukugxeka abadlali bami – ngiyakwenyanya lokho – kodwa kukhona izinto ezingabekezeleleki.
“Mhlawumbe bese bejahe iholidi noma ukuyabemaqenjini esizwe. Bebezonga, kodwa bazongelani iqembu lisenyakanyakeni enje?”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.