Bamiselwe ukufika beqhuba imbuzi ejimini abeSekhukhune 

Bamiselwe ukufika beqhuba izimbuzi ejimini abeSekhukhune 
Abadlali beSekhukhune United

 

ISekhukhune United imise abadlali abane abasolwa ngokufika ejimini ngempelasonto beqhuba imbuzi. 

Lesi senzo sibacasule kakhulu abaphathi beqembu, basheshe banquma ukubamisa laba badlali ukuze kuhlelwe isikhathi sokubaqondisa igwegwe.

Ngokubika kweDaily Sun, oSello Motsepe, Siyabulela Shai, Tlotlo Leepile noKatlego Molaba bafike ejimini bedle amankwebevu.

“Thina ngapha sikhathazekile ngendawo iqembu elikuyo kwilogi ngakho ngeke sikubekezelele ukuziphatha okunjena. 

“Abanye bethu abalali nakahle ebusuku ngenxa yalesi simo esibhekene naso,” ucashunwe esho kanje uPhineas Madisha oyimenenja yeqembu. 

“Ukuthola abadlali beziphethe kanjena akuyona into ebesiyilindele. Sibamisile emsebenzini kanti bazoqondiswa ubugwegwe maduze.

“Asikudingi ukuziphatha okunjengalokhu njengamanje. Mhlawumbe ukube bekungabafana abaneminyaka eko-20/21 besizothi badidwe wudumo. 

“Manje la sikhuluma ngabadlali abadala okumele ngabe baba yisibonelo sokuziphatha kubafana abasebancane. 

“Siphoxeke kakhulu nje ukukhuluma iqiniso. Sisanda kuqasha umqeqeshi omusha uBrandon Truter asazi bafuna ethini uma benza nje bebadala. 

“Sifuna abadlali abaziphethe kahle kuleli qembu. Ngeke sikuvume lokhu ikakhulukazi sinomqeqeshi omusha ozositakula ezembeni.” 

FUNDA NALA: Isaqaqamba inhliziyo kuKhama Billiat ngegoda abaligilwa uKambala

Uthe umangele ukuthi omunye walaba badlali ukwaze kanjani ukushayela aze afike ejimini njengoba ebedakwe engakwazi nokuzimela. 

“Sidinga abadlali abazimisele ngokulwela iqembu. Okubuhlungu wukuthi kuwukwephula umthetho ukushayela udakiwe. 

“Lo mdlali ubeke izimpilo zabantu abamsulwa engozini ngalesi senzo sakhe. 

“Laba badlali kumele babe yisibonelo esihle emphakathini. Asazi ukuthi lo fuike kanjani ejimini ngendlela abedakwe ngayo.”

– Songs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *