Bamisiwe onompempe ababambe Usuthu ngophondo besiza iChiefs

Bamisiwe onompempe ababambe Usuthu ngophondo besiza iChiefs
UJelly Chavani
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uzohlala amaviki ayisithupha engadlalisi unompempe uJelly Chavani nonompempe ohlala ngaphandle uMoeketsi Moleleko.

Lokhu kulandela ukushaya ifambu eyasiza iKaizer Chiefs ibambane naMaZulu FC ngempelasonto.

Isenzo sabo sokubeka iphenathi ekubeni ibhola lizishayise ehlombe kumdlali waMaZulu uThapelo Xoki sashiya ngisho abanye babalandeli beChiefs bedumele.

Ikomidi elibhekelele ukusebenza konompempe kwiSafa libe selikubheka ukusebenza kwabo lathola ukuthi nebala bashaya eceleni.

Babe sebehlawuliswa ngokuthi bamiswe ekusebenzeni emidlalweni yezinga elikhokhelayo amaviki ayisithupha.

U-Abdul Ebrahim okunguye ophethe ikomidi elibhekelele onompempe uthi bazosizwa ukuthi baphucule indlela abasebenza ngayo.

“Kube nesigameko esenzeka ebhokisini la unompempe anika khona iChiefs iphenathi.

“Ngokubuka ividiyo nobufakazi obukhona sithole ukuthi kwenzeka iphutha.

“Leli phutha lashintsha umphumela womdlalo wavua iqembu elilodwa.

“Ikomidi lihlala kabili ngeviki libheke yonke imidlalo nemibiko elethwe onompempe.

“Kube sekukhishwa isiphakamiso ngokumele kwenzeke,” kuchaza u-Ebrahim kwaboKhozi FM ngoLwesithathu kusihlwa.

FUNDA NALA: Kuhle impela okwenziwa wuBrtoos ukuthi akhiphe amahlazo enjalo

“Bonke abahlala kuleli thimba bayawazi umthetho nendlela okumele usetshenziswe ngawo.

“Ngeke sibayeke bahlale ekhaya balinde kuphele lamaviki ayisithupha. Bazohlangana nethimba elibhekelele onompempe ukuze basizakale ukuthi bakhule.

“Kungenzeka batholelwe nozobaqinisa ukhakhayi futhi kuzoba wuhlelo oluqhubekayo.

“Ngeke bahlale ekhaya, kungenzeka badlalise kumaligi amancane ukuze baqhubeke nomuzwa wokusebenza.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.