UBvuma ubashiye bevuma bethi ‘Yes Baby’

UBvuma ubashiye bevuma bethi ‘Yes Baby’
UBruce Bvuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ababaningi abebelazi igama lesidlaliso likanozinti weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uBruce Bvuma ngaphambi kokugila kwakhe izimanga emapalini aleli qembu ngempelasonto.

UBvuma, oteketiswa ngelika “Yes Baby” bekukhulunywa ngaye cishe impelasonto yonke nasekuqaleni kwaleli viki. Lo nozinti ukhiphe abagadli beWydad Athletic yaseMorocco inkani evimba ngisho impukane emdlalweni walamaqembu kwiCAF Champions League.

Ubuqhawe kubaBvuma, oneminyaka engu-26 bugeze labo abebenokusola ukuqokwa kwakhe ukuqala umdlalo obaluleke kanjeya ngaphambi kuka-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi.

Yize kunguye vele uBvuma obevele esevimba ngasekupheleni kwesizini, kodwa ukubuya kukaKhune no-Akpeyi kwenza kwabonakala kuzobuya oyedwa wabo eMorocco.

Funda nala: UNcobo uwusola kumshushisi wePSL umsindo wamacala

Kodwa abaqeqeshi baqoka ukuphinde bathembe yena. Ubenzile ke ubulungiswa ngendlela avimbe ngayo futhi kuncane ukungabaza ukuthi uma engumqemane nguye ozophinde abe sezintini ngoMgqibelo emdlalweni womlenze wesibili eFNB Stadium.

Kungenzeka ukuthi ukuqokwa kwakhe kube nesandla sikamqeqeshi osanda kuqashwa kuleli qembu, uStuart Baxter. Kuzokhumbuleka ukuthi uBaxter waqoka uBvuma eqenjini leBafana elaliyodlala kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ngo-2019 yize ayengadlali kwiChiefs ngaleso sikhathi.

Kodwa ke, lona bese kungumdlalo wesishiyagalombili kulandelana uBvuma esezintini, okuyinto ebiqala ukwenzeka kwazise phambilini ubevala izikhala uma kulimele abaphambi kwakhe.

Funda nala: Ugajwe yinjabulo zazehlela izinyembezi uBvuma

Bekuthi uma bebuya, yena bese ebuyela ebhentshini. Kodwa kulokhu usevele walibambisisa leli thuba futhi akubonakali ezoliyeka. Ukwenza kahle kwakhe kuyinto enhle ke kwazise bobabili o-Akpeyi noKhune bakhombise ukwehlelwa yizinga ngesizini edlule.

Amaphutha abebewenza abeshayisa ngamahloni. Ashiye abalandeli benovalo njengoba bebedlisa iqembu emidlalweni ebalulekile. Kodwa uBvuma wenze nabebengamethembi bagcina bememeza bethi “Yes Baby” njalo uma evimba ibhola elinzima leWydad.

Ekhuluma ngoBvuma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane wathi: “Ngicabanga ukuthi uBruce uyakhula kakhulu kulo msebenzi wakhe futhi ungumfana ozikhandlayo. Sisondelene kakhulu njengoba sasisonke enkulisa phambilini.”

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

One thought on “UBvuma ubashiye bevuma bethi ‘Yes Baby’”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *