BANGENILE!: Ingene sekuvalwe amehlo iRoyal AM kwiPremiership

Abadlali beRoyal AM
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

YiRoyal AM ezogijima kwiDStv Premeirship ngesizini ezayo. Noma akunjalo? Yize kuyilo leli qembu lesicebi saseThekwini, uShauwn Mkhize elinqobe isigaba seGladAfrica Championship kodwa kusenodaba olubucayi oluvimbe ukuthi inikwe indebe.

Nokuqinisekiswa kwayo njengompetha kuzokwenzeka uma sekuphele ngodaba lweSekhukhune United ebigixabezwe ngamaphuzu amathathu ngumahluleli, kodwayabuye yawaphucwa yiPSL. IPSL ithi isinqumo sekomidi layo lokuqondiswa kwezigwegwe simile.

Leli komidi laphuca iPolokwane City amaphuzu kodwa alangawasa kwiSekhukhune eyayiwawine kuyo. IPSL ithembise ukuthi lolu daba izoluxazulula ngokushesha.

“IPremier Soccer League isatshisiwe yabe seyinikwa namaphepha senkantolo malungana nomehluleli okhiphe isinqumo esithikameze indlela izinto ezime ngayo kwilogi yeGladAfrica Championship.

“Le ndaba kumele ilungiswe ngandlela thize. IPSL kumele ilucubungulisise kahle lolu daba, ifune nezeluleko ukuqinisekisa ukuthi zonke izinkinga zixazululeka ngokushesha.

“Ngesikhathi le ndaba ingakaxazululeki, kube sekubonakala kungcono kuke kumiswe ukunikezelwa kwendebe yeGladAfrica Championship. Lokhu kwenzelwa ukunika iPSL isikhathi sokubheka kahle lolu daba,” kusho iPSL esitatimendeni esikhiphe ngeSonto ntambama.

ISekhukhune yona igcine iphelele endaweni yesibili, kodwa uma igcina ngokuwathola amaphuzu amathathu, izonyuka kube yiyo ewina lesi sigaba bese iyodlala kwiPremiership. NeRicahrds Bay ikwazile ukuthola elinye ithuba lokuzama ukungena esigabeni esikhulu njengoba ishaye iSteenberg, yaqeda endaweni yesithathu.

Lamaqembu amabili asezolinda ukubona ukuthi yiliphi iqembu elizokwehla lizodlala nabo eyokuhlunga lisuka kwiPremiership. IBizana Pondo Chiefs neSteenberg United ibona abadliwe yizembe.

Imiphumela: Uthongatho 0 Pondo Chiefs 2; JDR Stars 1 Sekhukhune 3; Royal AM 1 CT All Stars 1; CT Spurs 2 University of Pretoria 1; Cape United 0 Jomo Cosmos 0; Polokwane City 0 FS Stars 0; Richards Bay 4 Steenberg United 0; Pretoria Callies 0 TS Sporting 2
Email: Editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.