Baphakamisa uMpengesi kwesokwengamela iSafa

Baphakamisa uMpengesi kwesokwengamela iSafa
UChippa Mpengesi
OkaDonga Gumbi

Sekuvele ukuthi kunezinhlaka zenhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa), ezifuna uSiviwe “Chippa” Mpengesi abe ngumengameli wayo olandelayo.

Ngokombiko ophume nelinye lamaphephandaba angempelasonto, iCity Press, lezi zinhlaka ezithi akuphakame uMpengesi ixesha selifikile, ngezase-Eastern Cape naseWestern Cape.

Zithi sekuyisikhathi sokuthi le nhlangano iphume ezandleni zikaDanny Jordaan, oseqhoqhobale lesi sikhundla isikhathi eside.

Zithi sekufuneka amaqhinga amasha okuyisa le nhlangano phambili. Kuningi ukukhala osekuke kwabikwa ngoJordaan phambilini.

Baningi ke nokho abanye asebeke bazama phambilini ukuphonsela uJordaan inselelo kulesi sikhundla kodwa basala eceleni njengoba bengakutholanga ukwesekwa okwanele.

UMpengesi ubengakacacisi ukuthi uyavuma yini ukwenyukela kulesi sikhundla, okuzomele angenele ukhetho lwaso ngasekupheleni kwalo nyaka.

FUNDA NALA: ISuperSport imkhombe ekhaya umdlali ongafuni ukugomela iCovid-19

Uma kwenzeka evuma bese eyaluwina ukhetho, kuyodingeka ashiye phansi eqenjini lakhe iChippa United edlala kwiDStv Premiership, ngoba akuvumelekile umengameli weSafa abe neqembu.

Nokho kubukeka sengathi kudala akuhlelela lokho njengoba esenyusele indodana yakhe esikhundleni esiphezulu kwiChippa.

Kuthiwa lokhu wayekwenzela ukuthi indodana ibe ijwayela umsebenzi, ngoba yiyo esiphethe iqembu njengamanje, yena eyigadile ukwenzela ukuyifundisa ngalo msebenzi.

NoPatrice Motsepe wayishiya ezandleni zendodana yakhe iMamelodi Sundowns ngesikhathi esewine ukhetho lokwengamela iCAF, ngonyaka odlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.