Baphindeke engeqiwa ntwala abashayisibhakela kubhuntsha izimpi

Baphindeke engeqiwa ntwala abashayisibhakela kubhuntsha izimpi
UZandile Malinga
Alfred Ngubane

Abashayisibhakela baKwaZulu-Natal sebephinde babuyela ebumnyameni kulandela ukubhuntsha kwezimpi zeStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga.

Lezi zimpi bekuhlelwe ukuthi ziboba ngomhla ka-27 kuFebhuwari eVictoria Mxenge Indoor Sports Centre eMlazi.

Ukubhuntsha kwalezi zimpi kulandelana eduze nokwenzeke kwezeZDM Boxing Promotions kaZonke Sibiya nazo ezibhuntshe sebethembile.

Isikhulu esiphezulu emnyamgweni wezemidlalo eKZN uVijay Balram ukhulume nempempe wathi umnyango uthwele kanzima kwezezimali ngakho akulula baxhase abahleli bezimpi ngakho konke.

“Izimpi zeStarline zizohlehlela u-Ephreli ngenxa yokuthi ukuqhatha izimpi ezinohlonzo kuyabiza kakhulu,” kusho lesi sikhulu esinomlando omude kwezemidlalo esifundazweni.

UBalram uphinde waveza ukukhathazeka ngokuthi kuzomele abahleli bezimpi bafune abaxhasi engxenye abazobalekelela ngoba lo mnyango akufanele ngabe yiwona owenza lokho.

“Okusempeleni umnyango akufanele uxhase izimpi zesigaba esikhokhelayo kodwa kumele sinikezele uxhaso esibhakeleni sama-amesha.

“Kuba buhlungu nakithi uma sekubhuntsha izimpi ngoba kuncisha isinkwa abashayisibhakela kanti kunzima kakhulu njengoba nomnyango ungemuhle ngokwezimali nje.

FUNDA NALA: Ukuhlulwa wukudlala kwenza uGomes wathatha umsebenzi wokushaya impempe

“Kuzomele nabahleli bezimpi bakuqonde ukuthi bangosomabhizinisi,” kucacisa uBalram engxoxweni ekhethekile neMpempe.

Uphinde waveza ukuthi izimpi zeLudonga Boxing Promotions zona ziyaqhubeka kodwa nakhona imali abayifakile yonke.

Lokhu sekudale ukuthi lezi zimpi zihlehlele umhla ka-26 kuFebhuwari eMultipurpose Centre KwaNongoma.

Umhleli walezi zimpi, uZwilenkosi Magudulela uqinisekisile ukuthi zihlehlile ngenxa yezingqinamba ezithile wathi kodwa sezixazulekile.

Kuze kwashaya isikhathi sokuthi silushicilele lolu daba uMalinga engakayiphenduli imilayezo abethunyelelwe yona, enikwa ithuba lokuziphendulela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *