Baphiwe umphako abayomela elakuleli kumaCommonwealth

Baphiwe umphako abayomela elakuleli kumaCommonwealth Games
Alfred Ngubane

Bavaliswe ngomcimbi osezingeni eliphezulu baphinde baphiwa umphako abayomela iNingizimu Afrika kumaCommonwealth Games e-England.

Lo mqhudelwano onemidlalo ehlukene uzoqala ngoJulayi 28 uze usongwe ngo-Agasti 8. Imeya yaseMzinyathi District, uPetros Ngubane uphelezele abayoshaya amanqindi kulo mqhudelwano amazwi okubakhuthaza.

Iphinde yagixabeza umqeqeshi uNathi Hlatshwayo nomshayisibhakela oneminyaka engu-20 uPhiwokuhle Mnguni ngezethembiso zemivuzo emihle uma benze kahle.

Laba bobabili baphuma ngaphansi kwalo mkhandlu okuyinto imeya ethe baziqhenya kakhulu ngayo, wabanika uR5 000 ngamunye, athe ngumphako wendlela.

UNgubane uphinde wagixabeza wonke amabhokisa ahambayo ngemali engu-R1 000 umuntu ngamunye.

UHlatshwayo noMnguni phambilini kade bemele elakuleli eTurkey, baphinde bamela izwe kwiZone 4 eMozambique.

Ephawula uNgubane, ubongele bonke abayomela izwe ngokuphakamisa ifulegi lakuleli e-England, waphinda wabongela uHlatshwayo noMnguni.

Ekhuluma neMpempe, uHlatshwayo uthi bafike kanzima kuleli banga asebekulo lokuba sezingeni lokumela izwe njengoba bephuma elokishini laseSibongile, eDundee.

FUNDA NALA: Amawele akwaPhalula asengene kwezokucija abasubathi bakusasa

Uthi baya laphayana nje, abayele ukuyokwandisa isibalo kodwa bayolwela ukunqoba: “Kubalulekile ukuya khona, kodwa okubaluleke kakhulu wukufike senze kahle khona.

“Lokho kungasivulela amathuba amaningi amahle okuthuthuka kulo mdlalo wamankomane. Kumele syibonge iSanabo (inhlangano yabesibhakela esingakhokheli kuleli).

“Bese siside isikhathi singenawo amahokisa aya kulo mqhudelwano. Manje sesinethemba lokuthi singafika nakuma-Olympic Games.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.