Baphoxa kubhekwe lukhulu kubo kwiPirates laba

Baphoxa kubhekwe lukhulu kubo kwiPirates laba
UFelipe Ovono

ISIQEPHU SESIBILI

UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Baphoxa. Lena cishe yiyona ndlela elula neqondile yokuchaza ngalaba badlali abafika kwi-Orlando Pirates kuthiwa itheze ezomile izinkuni.

Kodwa kwathi uma sezibaswa zavele zahlihliza zasho ukuwucima nya umlilo. Yebo, kulolu daba oluneziqembu ezehlukene sibheka abadlali abafika emaqenjini ehlukene bethenjiwe kodwa bafika balotha nje.

Esiqeshini sokuqala sibheke abafika kwiKaizer Chiefs bethwelwe ngeqoma kodwa bafike baphoxa. Kubo sibale oSiphelele Ntshangase no-Emmanuel Letlotlo phakathi kwabanye.

Kulesi siqephu sibheka abadlali abahlanu abathi uma besayinwa yiPirates kwathiwa izoqeda amaqembu ngabo, kodwa behluleka bancama ukusiza leli qembu.

1. Joris Delle

Lo nozinti waseFrance wafika ngesikhathi sikaRulani Mokwena eyiphini likaMicho Sredojevic. Indlela ayenconywe ngayo abalandeli baba nethemba lokuthi ekugcineni usetholakele unozini ozovala isikhala esavuleka kushona uSenzo Meyiwa ngo-2014.

Kodwa lo nozinti wabhacaza sengathi uyaqala ngisho ukudlala ezingeni elikhokhelayo. Waba yihlazo iCape Town City neBidvest Wits bebukisa ngaye imidlalo ilandelana.

Wahamba engasavalelisanga esecele ukubuyela ekhaya eFrance njengoba kwase kucacile ukuthi ngisho ungalengisa ijazi lingavimba kangcono kunaye.

2. Caio Marcelo

Lesi sitobha saseBrazil naso safika sithwelwe ngeqoma nguMokwena. Iqembu labafana abancane bePirates lalikade liyodlala eBrazil kanti uMokwena wayekhona ethimbeni elalihambile, wabuya naye emncoma nto engapheli.

Waze walibeka ngembaba elokuthi angase adlondlobale aze adlule ngisho uRicardo Nascimento weMamelodi Sundowns.

Kodwa wehluleka wancama yize ithuba alinikwa, waze wabolekiswa kwiChippa United ngethemba lokuthi uzoba ngcono uma ingasekho ingcindezi yeqembuelikhulu. Kodwa nakhona kwambhimbela waze wahamba isinyelela esephidnela kwelakubo.

3. Alfred Ndengane

UNdengane ufike kwiPirates ethenjiwe kwazise wayeyisiqongwane kwiBloemfontein Celtic ngaphambi kwalokho. Kodwa kwiPirates izinto zamphika waze wagcina esenyamanambana kubalandeli ababemsola ngokubathengisa ezitheni. Ugcine ededeliwe njengoba ebedlala kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila, esibizwa ngeMarumo Gallants manje.

4. Felipe Ovono

Ngesikhathi kune-Africa Cup of Nations e-Equatorial Guinea ngo-2015, abaningi babuya bebabaza ikhono likanozintoweqembu lesizwe lakuleliya lizwe owayesemncane ngaleso sikhathi.

Lowo nozinti kwakunguFelipe Ovono futhi iPirates yanconywa ngokusheshe iphuthume imlande. Naye, njengoDelle, wayebonakala ezovala isikhala sikaMeyiwa.

FUNDA NALA: Ngabe uthatha amandla njengoba ethule nje uMaMkhize? 

Kodwa wehluleka ngamalengiso waze wagcina ekhonjwa afika ngayo. Amaphutha ayenziwa yilo nozinti ayeshayisa ngamahloni. Ngisho umfanyana wesikole wayezoba ngcono kakhulu.

5. Thamsanqa Sangweni

Efika kwiPirates, uThamsanqa Sangweni wayevele esenkingeni njengoba konke ayezokwenza kwakuzoqhathaniswa nokukamfowabo uSiyabonga, noma uNsimbi, wayeyinsika yePirates emuva futhi abanye abalandeli basamkhalela namanje.

UThami yena wehluleka wancama ukuzitholela indawo eqenjini eliqala imidlalo. Wahamba eyobolekiswa kwiChippa United kunezinsolo zokuthi wayeseke wahilizisana nanabaqeqeshi. Esiqephini sesithathu, sizobheka abaphoxa kwiMamelodi Sundowns

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *