Baphoxekile behluleka ukuwina ekhaya abeBucs

UFortune Makaringe

OKADONGA GUMBI

Ukuhluleka ukushaya i-ES Setif kwe-Orlando Pirates sekubeke amathemba abo okudlulela phambili kwiCaf Confederation Cup ezandleni zezimbangi i-Enyimba yaseNigeria.

IBucs seyizomincela ukuthi i-Enyimba iyishaye i-Al Ahly Bengazhi ngoLwesine ukuze ibe nesiqiniseko ngendawo yayo esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano.

IPirates izilimaze ngokubambana neSetif e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ntambama njengoba manje sekuzophoqa ukuthi nakanjani iwine noma idlale ngokulingana ne-Enyimba emdlalweni wokugcina kaGroup A ngo-Ephreli 28.

Ukubambana ngo 0-0 neSetif kube wumphumela ovuna kakhulu i-Al Ahly njengoba isenethuba lokudlula uma ingashaya i-Enyimba ngoLwesine, omungayithatha kuyibeke kumaphuzu ayisikhombisa.

Nokho ukuze lidlule leli qembu laseLibya kuyodingeka liphinde lishaye neSetif ekuhambeni emdlalweni wokugcina.

Uma ubheka ngalelo liso, izinto zivuna iPirates. Kodwa umdlali wasesiwini, uFortune Makaringe uthi bekingafanele kuze kifikwe ezibalweni ngoba bebenethuba lokuqinisekisa indawo yabo emzuliswaneni olandelayo, baliyeka.

“Bekuwumdlalo onzima impela, besazi ukuthi bazobe bengagayelwe mphako ngoba bebedinga ukuwina,” kusho uMakaringe ngemuva komdlalo.

“Kodwa nathi besitshelile ukuthi okungcono wukuthi singehlulwa – sonke besinomuzwa wokuwulwela umphumela.

“Besidinga ukuwina, sizamile ngayo yonke indlela ukuwina. Kodwa manje sekumele sikhohlwe yilo mdlalo, sibhekeolandelayo.”

IBhakhaniya lizogadulisana nomkhaya balo baseSoweto, iSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngaphambi lokulinganisa eNigeria la izobhekana khona ne-Enyimba.

“Kufanele siphoxeke ngoba sihlezi sidlalela ukuwina. Ukube siwinile nje ngabe sesiyibekisile indawo yethu emzuliswaneni olandelayo.

“Kodwa kumele sizigqaje njengeqembu, bese sigquhquzelana ukuze siqhubeke ngendlela,” kusho uMakaringe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.