UMBHALI WEMPEMPE
Umengameli wenhlangano eyengamele ezokusubatha kuleli, i-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Sikhosana useveze ukuthi ikhempu yokuqala yokuzicija yabasubathi beRelay ebingempelasonto ihambe kahle.
Le khempu beyisenkundleni yezokusubatha e-University of Pretoria ngoMgqibelo la bekulolongwa khona abagijimi be 4x100m besilisa.
“Sijabule ngokuthi ikhempu yokuqala kulo nyaka ihambe kahle. Abasubathi bebejabule, futhi bezimisele njengoba sebebheke kwiWorld Relay Championships ngoMeyi 1-2 ePoland.
“Ukushintshana ngenduku nejubane bekusezingeni futhi kuthembisa ukuthi ukuthi sizokwazi ukumelana neninkunzi kulo mdlalo,” kusho uSikhosana.
“Uzokhumbula ukuthi iNingizimu Afrika ikleliswe endaweni yesihlanu emhlabeni. Sifuna ukukuphucula lokho esakuzuza eDoha ngo-2019 silungise namaphutha enzeka.
“Umqeqeshi nabasubathi basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ithola indondo efanele kuma-Olympics nakwiWorld Championships,” kuqhuba uSikhosana.
Abasubathi bebecijwa ngumqeqeshi walesi sigaba sezokusubatha, uPaul Gorries kanti bekukhona nemenenja yalesi sigaba uDanie Cornelius noHezekiel Sepeng oyi-Excellence Manager.
“Ikhempu yangoMgqibelo ilandela ibilandela umhlangano wokuhlela obungoJanuwari 30 la okwahlanganiswa khona uhlelo kwesizini ka-2021.
“Inhloso ephambili yale khempu bekuwukungiselela ukuya kwiWorld Athletics Relay Challenge, ama-Olympic Games neWorld Championships.
“Abasubathi bebeneme futhi besesimweni esihle yize kade kunezithiyo ezaqhamuka ngenxa ye-lockdown. Nokho izinhlelo zokuzicija zincike ezinqumweni zikahulumeni ngodaba lweCoronavirus,” kushomisitatimende esikhishwe yi-ASA ngempelasonto.
Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com