Basale bedangele kumiswa indebe yomhlaba

UMbalenhle Ntuli weBaby Proteas

OKADONGA GUMBI

Iqembu lakuleli labaneminyaka engaphansi kuka-21 lebhola lomnqakiswano basale beziduduza kulandela ukumiswa kwendebe yomhlaba ebizoba seFiji ngasekupheleni konyaka.

IBaby Proteas, okuyigama elibizwa ngalo leli qembu, bese izibekisele indawo kwi-Netball World Youth Cup ebizoba ngoDisemba.

Kodwa ngenxa yezizathu ezihambisana nokuqhubeka kokudlanga kweCovid-19, i-International Netball Federation (INF) inqume ukuwuyeka ingabe isaqhubeka nawo lo mqhudelwano.

Umdlali weBaby Proteas, uMbalenhle Ntuli useveze ukuthi iminjunju isekhona namanje ngokumiswa kwale midlalo abesebeyibheke ngabomvu.

“Zasishaqisa lezi zindaba mhla siqala ukuzizwa, asizikholwanga. Ngangizitshela ukuthi yinto engekho. Sazithola ezinkundleni zokuxhumana uma siqeda kufika eKapa, sathi ‘hhayi amanga nje, ayikho lento’,” kusho lo mdlali.

“Kodwa kwabe sekuqinisekiswa ngabaqeqeshi nezikhulu. Kwaba yizindaba ezimbi ukuthi ngeke sisaya endebeni yomhlaba.

“Yize sazama ukuzenza abantu abangenankinga ngoba sonke siyazi lolu khuvethe yinkinga ehaqe umhlaba wonke, izinhliziyo zaziqaqamba.

Uthe kusize ukuthi lezi zindaba bazithole beveled bendawonye njengeqembu njengoba bezodlala njengezimenywa emqhudelwaneni weSpar Tri Nations Challenge eKapa. Lo mqhudelwano uqala ngoLwesine.

“Njengoba kungumdlalo weqembu lona, kwasiziza lokho ngoba besazi sonke ukuthi umuntu ngamunye uphatheke kanjani.

“Kuyakududuza ukwazi ukuthi akuwena wedwa ozwa lobu buhlungu kodwa kunozakwenu eninabo kulokhu. Bayakuqonda obhekene nakho, bayakweseka.

“Kuba ngcono ngokuthi sihlangane sixoxe ngakho, sikhiphe okungaphakathi ezinhliziyweni ukuze sikwazi ukuqhubeka nokuthokozela le midlalo ezayo.

“Ukwazi ukuthi yize singasayi endebeni yomhlaba, kodwa akuphelile ngathi nakho kuyakududuza,” kusho uNtuli.

Izinhloso zabo ngalo mqhudelwano sezijikile njengoba bengasayi endebeni yomhlaba kwazise bebezoyisebenzisa njengengxenye yezinhlelo zokukubiselela indebe yomhlaba.

“Inhloso yethu njengananje wukuthi sithokozele ukuba ndawonye okokugcina njengeqembu, bese siwina. Siyafuna ukuyinika inseleko iPresident’s Team ne-Uganda ukuze sizihlole ukuthi sikuliphi izinga.”

Uthe yena uzobheka ukumunca lonke ulwazi angaluthola kubaqeqeshi nakwabanye abadlali kulo mqhudelwano oseKapa.

“Ngifuna ukufunda, ngincele lonke ulwazi engingaluthola ngoba sonabaqeqeshi abasezingeni la eqenjini. Ngifuna nokuzakhela igama ngidlala nabantu asebevele bayizihkabani kulo mdlalo,” kuchaza uNtuli.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *