Basale benkemile kubhuntsha imijaho

James Moloi
UJames Moloi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kubuntshe umcimbi weCAA Africa Championships ngenxa yeCovid-19. Lo mcimbi wemijaho nemidlalo eyehlukene yezokusubatha bekumele ibe seNigeria kusukela ngoJuni 23 kuya ku-27.

Abasubathi bayawudinga kakhulu le mijaho njengoba ibizobasiza ekutheni bazicijele ama-Olympics.

I-Athletics South Africa (ASA) inemijaho eminingi yokusiza abasubathi ukuba bakwazi ukwenza izikhathi zokubafaka eqenjini eliya kuma-Olympics. Nokho le yaseNigeria yiyo abebeyibheke kakhulu.

Usuku lokugcina lokufaka abasubathi abaya kuma-Oymmpics eTokyo nguJuni 29. UMengameli we-ASA, uJames Moloi uthi kubalulekile ukuthi abasubathi baqale kuqala emjahweni yase-Africa bese bedlulela kuma-Oylmpics.

“Imidlalo efana ne-50km Race Walk, Africa Champiomnships amathuba amakhulu kakhulu lubagijimi nakuba isimo singesihle.
“Isimo simbi njengoba leli zwe selibuyele esigabeni sesibili sokuvalwa kwezwe kodwa ithemba likhona ukuthi lo mkhuhlane ngeke ume endleleni yabasubathi,” kusho uMoloi.

Uthi maduze nje kuzoqala imijaho yakhona lapha ekhaya ngobuningi bayo.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *