Basale bephoxekile abanye kuphinde kunqoba uMessi

Basale bephoxekile abanye kuphinde kunqoba uMessi
ULionel Messi
UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter

ULionel Messi ubeke irekhodi elisha ngesikhathi ekhala emuka nendondo yeBallon d’Or okwesikhombisa.

Kulokhu uhlule uRobert Lewandowski obebhekiwe kodwa wagcina ephume isibili embangweni wale ndodo engenkulu kunazozonke ebholeni lomhlaba.

Lesi sihlabani seParis Saint-Germain asiqalanga kahle impilo eFrance kule sizini kodwa ngaphambi kwalokho besenza ezibukwayo sibeka siphinde sephule amarekhodi kwiBarcelona naseqenjini lesizwe lase-Argentina.

Akungabazeki ukuthi indebe uMessi ayinqobe ne-La Albiceleste ngoJuly iyona eyenze wahlula umgadli weBayern München uLewandowski kwiBallon d’Or yakulonyaka.

UMessi ubengukaputeni we-Argentina ngesikhathi inqoba okukuqala ngqa iCopa America ngemuva kweminyaka engu-280.

EMaracana Stadium uMessi waba yiqhawe esiza iqembu likaLionel Scaloni liqumba phansi izimbangi zalo ezindala nosokhaya iBrazil ngo1-0 ukuze lithathe igolide kwiCopa America.

Ngaphambi kwalokho uRobert Lewandowski ubeyimfivilithi ngenxa yokuphula kwakhe irekhodi ebeselihlale iminyaka likaGerd Muller lokushaya amagoli angu-40 kwisizini eyodwa yeGermany Bundesliga.

FUNDA NALA: Ithole isibhaxu yaxosha abaqeqeshi iSwallows

Lo mgadli wasePoland ubengenambangi ngo-2020 kwababekubhekwe kubo ukuthatha indodo yeBallon d’Or ngaphambi kokuthi iFrance Football iyimise ngenxa yegciwane iCoronavirus.

ULewandowski nokho uwutholile umthobanhliziyo njengoba ebuye nendodo yomgadli ovelele kulo nyaka.

Abanye abanqobile o-Alexia Putellas onqobe iBallon d’Or kwabesifazane.

UPedri uthole iKopa Trophy okuyindodo enikwa umdlali ovelele emhlabeni oneminyaka engaphansi kuka21.

UGianluigi Donnarumma wase-Italy uqokwe njengonozinti ophambili emhlabeni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *