Bashaya amakhala ngokudlaliswa kwesikhulu esibuye singajimi

Bashaya amakhala ngokudlaliswa kwesikhulu esibuye singajimi
U-Andile Mpisane ongumdlali nnosihlalo kwiRoyal AM
Alfred Ngubane 

Kukhona abashaya amakhala ngendaba yokudlaliswa kuka-Andile Mpisane kwiRoyal AM njengoba sekuvele ukuthi kukhona ukungenami ngalokhu.

UMpisane ungusihlalo kuleli qembu elidlala kwiDStv Premiership. Kuthiwa kukhalwa ngokuthi ukudlaliswa kwakhe kudunga izinhlelo zeqembu njengoba yena engazilolongi nsukuzonke.

“Kuba nezinsuku la asuke engafiki khona ejimini. Uma ekhona ushaya udaka kubone wonke umuntu. Uma engase adlale uyoba yinhlekisa kubalandeli bebhola kuleli,” kusho umthombo.

“Ngiyaqonda ukuthi unothando lwebhola kodwa kuzomele bamsize ukuthi akuqonde ukuthi liyini ibhola elikhokhelayo njengoba ezothunaza isithunzi sebhola lakuleli,” uqhuba umthombo.

Lo mthombo uphinde waveza ukuthi nakwiGolden Arrows kunesimo esifanayo ngendodana kasihlalo weqembu uMato Madlala.

“Umama wakhe uyabuza ukuthi udlalile yini bese kuthi uma engadlalanga ajike ngisho ebusweni. Kunzima kakhulu ebholeni lakuleli yizingane zezikhulu zebhola ezifuna ukudlala ibhola zingalazi.

FUNDA NALA: IChiefs izosebenzisa owemakhufe ukuqinisa amabhawodi axegayo

“Abaqeqeshi bagcina bekhosoza ngenxa yokuncenga umsebenzi,” kuphetha lo mthombo. UMpisane kulindeleke adlale uma iRoyal AM seyibhekene neKaizer Chiefs kwiMacufe Cup ngeSonto ntambama.

Useke waba sebhensthini emidlalweni embalwa edlule yeRoyal AM kodwa ubengakaze anikwe ithuba lokungena enkundleni.

Uvele useyahlekwa kumanje njengoba abantu bebabaza ukuthi uyistufuza, akukhombisi ukuthi ngumdlali webhola kuleli zinga okudlala kulo iRoyal AM.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *