Bashayise ngamahloni abe-Under 23 behlulwa yiJapan kuma-Olympics

Bashayise ngamahloni abe-Under 23 behlulwa yiJapan kuma-Olympics
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Badlale ibhola abangeke bachaze kwabona ukuthi balifundiswa ubani abadlali beqembu laseNingizimu Afrika lika-Under 23, ngesikhathi beshaywa yiJapan ngo 1-0 eTokyo Stadium.

Kulo mdlalo wabo wokuvula wama-Olympics abafana bakaDavid Notoane basukele izithunzi kwaze kwaba uyaphela umdlalo. Empeleni nakuba kukhulunywa ukuthi iNingizimu Afrika ishaywe ngo 1-0, kubongwa ukuvimba kahle kukaRonwen Williams.

Lo nozinti weSuperSport United uvimbe amabhola amabi amaningi ngesiwombe sokuqala, kwaphinde kwaba yinto efanayo nangesesibili.

INingizimu Afrika ibingafiki nhlobo emapalini eJapan ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Bekunethemba lokuthi  lokhu kuzoshintsha ngesiwombe sesibili kodwa kwaqhubeka kwaba yiJapan ebilokhu icindezela.

Okuhlalukile ukuthi nabadlali abathembekile baseMzansi bebengaliboni ibhola futhi benza inqwaba yamaphutha. Kuze kwaba kathathu uTebogo Mokoena ephunyukwa yibhola, bese iJapan ihlasele kuvalwe amehlo.

Ukudlalela emuva kweNingizimu Afrika kugcine kuze nomphumela ongemuhle ngesikhathi uKubo eshaya elihle igoli ngomzuzu ka-71.

Kube yingemuva kwalokho lapho abafana bakuleli bezame khona ukuvuka emaqandeni kancane kodwa nalapho bebesawenza amaphutha. Ithuba elingcono leNingizimu Afrika lehlele uThabo Cele ngomzuzu ka-77 kodwa waliqondisa kunozinti ephakathi ebhokisini.

Ithuba lokugcina lezakuleli litholwe uMokoena kuyi-free kick emizuzwini ebingezwe unompempe kodwa washaya into ephuphile, ephume kude kakhulu namapali.

FUNDA NALA: IFIFA igcona uchuku ngemithetho yayo emisha ebholeni

Ukushaywa kweqembu lakuleli le-Under 23 kulifakela enkulu ingcindezi njengoba umdlalo olandelayo kungelula ukuthi liwuwine. Lizobhekana neFrance emdlalweni wesibili ngeSonto emini, kanti iJapan yona izobhekana neMexico.

Kuzomele uNotoane akhulume nabo ngenye indlela abafana bakhe ngoba ngoLwesine ayikho into abayenzile eTokyo Stadium. Bebekhona nje enkundleni kodwa iJapan izicanasela.

Emdlalweni odlalwe ngaphambi kwalona ngoLwesine i-Egypt ibambane neSpain ngo 0-0. I-Ivory Coast yona iwine ngo 2-1 kwiSaudi Arabia.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.