Bashiye uMaduka enconcoza abadlali beCeltic bewina bengasaphelele

UThato Lingwati weBloemfontein Celtic egadulisana noLerato Lamola weTshakhuma Tsha Madzivhandila ngoMgqibelo

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uzishaya isifuba ngabadlali bakhe uJohn Maduka ongumqeqeshi weBloemfontein Celtic athi bakhombise ubuqhawe benqoba ngo 1-0 kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) emdlalweni weDStv Premiership obuseDr Molemela Stadium ngoMgqibelo.

Le wini yehle kahle kuMaduka obekhuluma aze amamatheke ngabadlali bakhe ngemuva komdlalo.

ICeltic ithole igoli ngomzuzu wesibili ngegoli likaMotebang Sera kodwa iqede umdlalo ingasaphelele ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu kwesitobha sayo, uRonald Pfumbidzai ngomzuzu ka-62 kulandela ukuthola amakhadi aphuzi amabili.

“Bekuwumdlalo onzima kodwa ukushaya igoli ngokushesha kusisiszile. Nakuba igoli libenze bakhuphula umdlalo wabo (iTTM)kodwa thina bese sisebuhleni futhi sesisebenzela phezu kokuthile,” kusho lo mqeqeshi waseMalawi.

Uqhube wathi: “Esiwombeni sesibili kuthe ukuba ngcono sathi ukulibamba nebhola. Bekuwumdlalo onzima impela lo.

“Le ligi inzima nje. Ngemuva komzuzu-60 sekuvela ikhadi elibomvu izinto ziqalile zabanzima kakhulu kithi kodwa babambelela abafana bami. Ngizishaya isifuba ngabo. Le iyona kuphela indlela esinqoba ngayo.

“Kufanele sisebenze sonke. Asizange sidlale ngendlela esiyijwayele kodwa bekubalulekile ukuthola amaphuzu amathathu okuyinto eyenza ngizijabulele kakhulu mina kodwa abadlali yibona abasebenzile ngakho-ke ngineme,” kusho uMaduka ngemuva komdlalo.

Ebuzwa ngo-Andile Fikizolo olimale kanzima kulo mdlalo uthe: “Kusithusile sonke okwenzekile kodwa ngiyajabula ukuthi nginibikele ukuthi akayile esibhedlela kepha unathi la.

“Uyahleka wenza konke esikwazi kuyena. Kube isikhathi esithusayo impela kodwa kuhle ukwazi ukuthi akukubi njengoba besicabanga.”

Le bekuyiwini yokuqala emidlalweni eyisishiyagalombili kuyona yonke imiqhudelwano kwiCeltic.

Leave a Reply

Your email address will not be published.