Bashosholozela ukuyodlala kweyeCAF Abafana Bes’thende

UMandla Ncikazi

SIHLE NDLOVU

ILamontville Golden Arrows isethubeni elihle lokuzibekisela indawo emidlalweni yeConfederation of African Football (CAF) okokuqala emlandweni wayo. Abafana Bes’thende baqinisekise ukuthi bayabambelela endaweni yesithathu kwilogi yeDStv Premiership ngemuva kokushaya iTS Galaxy ngo 3-0 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoLwesithathu.

Uma i-Arrows ingaqeda isahleli endaweni yesithathu kungasho ukuthi izodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo. Okuphawulekayo wukuthi Abafana Bes’thende baliphakamise kakhulu izinga kule sizini futhi sebenesiqiniseko sokuthi nakanjani bazodlala kwiMTN8 ngasekuqaleni kwesizini ezayo.

Iqembu elingamisa kabi i-Arrows yi-Orlando Pirates ehlezi endaweni yesine kanti isalele emuva ngemidlalo emibili. Nokho kuyaziwa ukuthi imidlalo engakadlalwa ayiwona amaphuzu. Umqeqeshi we-Arrows, uMandla Ncikazi, uzwakalise ukujabula ngokuwina kweqembu lakhe ikakhulukazi njengoba like lashaywa emidlalweni emibili edlule.

“Ngiyaziqhenya ukuthi namuhla ngime phambi kweqembu ngemuva kokuthi lishaye amagoli amathathu langangenelwa yilutho. Ngiyajabula ukuthi laba badlali bazinikela ngakho konke.

“Ngeneme ukuthi namuhla siwasebenzisile amathuba. Ngisho nasemidlalweni esishayiwe kuyona akukona ukuthi besidlala kabi. Besivumela igoli elibhedayo bese sakhe amathuba kodwa singawasebenzini. KwiMaritzburg (United) kwaba yinto efanayo nakuMaZulu.

“Ngiyajabula ukuthi siwinile namuhla ngemuva kokushaywa kabili. Ngineme ngokuthi laba badlali bayalihlonipha ibheji leqembu, ngiyajabula ngokuba umqeqeshi ome phambi kwabo njengamanje,” kusho uNcikazi.

I-Arrows isalelwe yimidlalo emibili yeligi futhi uNcikazi uyithatha njengebaluleke kakhulu. Abafana Bes’thende bazobhekana neKaizer Chiefs engazithola isenkingeni yezembe uma ingahlulwa. Izobe seyivala ngeStellenbosch nayo esemjahweni wokubalekela izembe.

“Kusekhona imidlalo emibili yamanqamu okumele siyidlale. IKaizer Chiefs ekuhambeni neStellenbosch FC. Kumele sithole amaphuzu lapho bese sibona ukuthi siqeda isizini sikuphi. Noma kungathiwa kwenzekani ekugcineni siyohlale siziqhenya njengeqembu,” kubeka uNcikazi.

Uphethe ngokuncoma unozinti wakhe uSifiso Mlungwana ngokwenza kahle, hhayi kulo mdlalo kuphela kodwa nakweminye imidlalo edlule.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.