Basolwa ngokukokotela izinkontileka abebengaholanga kwiRoyal AM

Basolwa ngokukokotela izinkontileka abebengaholanga kwiRoyal AM
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Instagram

Sesigcine sivelile isizathu esenza ukuthi abanye babadlali abafika kwiRoyal AM besuka kwiBloemfontein Celtic bengaholi ekupheleli kwenyanga edlule.

Umbiko weSunday World uveze ukuthi okwenza lokhu wukuthi laba badlali, okungeke badalulwe okwamanje, basolwa ngokukokotela izinkontileka zabo.

IRoyal AM yathenga isitifiketi seCeltic sokudlala kwiDStv Premiership ngaphambi kokuqala kwale sizini.

Lokhu kwasho ukuthi abadlali beCeltic kumele baye kodlala kwiRoyal AM ngokwesivumelwano sokudayiselana.

Manje kuthiwa kunabadlali ‘abalungise izinkontileka’ zabo ukuze bathole imihlomulo engcono uma sebefika kuleli qembu likamachaphuna kusale onguShauwn “MaMkhize” Mkhize.

Kodwa ngathi kubabhimbele njengoba bebanjiwe kanti leli qembu lisaphenyisisa ngalezi zinsolo.

IRoyal AM yabiza nabamele inyunyana yabadlali, iSouth African Football Players’ Union (Safpu), ukuba kuzozanywa ukusombulula lolu daba.

Okhulumela iRoyal AM, uSthembiso Hlongwane, ukuvumile ukuthi zikhona izinsolo ezikhona ngokukokotelwa kwezinkontileka.

“Lukhona udaba olunjalo futhi siyaluphenya. Kodwa noma kunjalo, sisemkhankasweni wokwehlisa isibalo sabadlali eqenjini.

“Lokho kuzophoqa ukuthi sidedele inqwaba yabadlali,” kusho uHlongwane. IRoyal AM inabadlali abangu-67 njengamanje.

Lokhu kwenziwe wukuthi ngesikhathi idayisa isitifiketi sayo sokudlala kwiGladAfrica Championship kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila ayizange ibafake abadlali bayo esivumelwaneni.

“Ngebhadi sinesikwati esikhulu futhi njengoba kumele sikhumbule ukuthi sisebhizinisini nje, lokhu kuzosilimaza emalini.

“Sibafisela konke okuhle abadlali abazodedelwa,” kuqhuba uHlongwane. Nokho iSapfu iyakuphika ukuthi kunabadlali abangakokotela izinkontileka.

FUNDA NALA: UHunt uthi babanjwe ngophondo eThekwini kuphiwa iRoyal AM iphenathi

“Siyayamukela imizamo yeqembu yokuphenyisisa ngalolu daba, futhi sethemba ukuthi bazowukhiphela umphakathi umphumela wophenyo.

“Ngokwenqubo, akulula ukuthi umdlali angaguqula inkontileka yakhe. Abadlali abantu bokugcina abasayinayo uma kudingidwa izinkontileka.

“IRoyal AM kumele ikhiphe ubufakazi bokuthi laba badlali abathintekayo nebala bazikokotela izinkontileka bashintsha imibandlela yayo.

“Siyakungabaza kungenzeka lokho ngoba abadlali akubona abahambisa izinkontileka zabo kwiPSL.

“Amaqembu kuphela akwazi ukwenza lokho,” kusho umengameli weSapfu uThulakganyo Gaoshubelwe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.