Bathethiswe qede bavuka emaqandeni abadlali beRoyal AM

Bathethiswe qede bavuka emaqandeni abadlali beRoyal AM
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Bavuswe ukuthethiswa ngesikhathi sekhefu nokuthola ikhadi elibomvu kwezimbangi abadlali beRoyal AM beshaya iSuperSport United.

Leli qembu laseThekwini belishaywa yiSuperSport ngo 1-0 ngesikhathi sekhefu futhi lingadlali nakahle yize belisekhaya.

Nokho libuye ngamandla sekuyophela umdlalo lashaya amagoli amabili ekugcineni lawina ngo 2-1 emdlalweni weDStvPremiership eChatsworth Stadium ngoLwesibili.

Abadlali beRoyal AM bese bethelwe ngezibonkolo, besho ukuyidla luhlaza iSuperSport.

“Kube umdlalo omuhle ekugcineni kodwa indlela esiqale ngayo umdlalo ayibanga yinhle neze.

“Besilahla ibhola kalula, sidlala ngendlela abebefuna ngayo.

“Asiwakhanga amathuba ngesiwombe sokuqala, bekungethina nje,” kusho umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka.

“Besidlala amabhola amade okungeyona indlela esidlala ngayo. Ngikhulumile nabo (abadlali) ngathi akuyona indlela esidlala ngayo lena.

“Ngithe umele nidlale ibhola lenu, nibe nesineke, amagoli azoqhamuka.”

Akakufihli lo mqeqeshi ukuthi ukuthola ikhadi elibomvu kukaLuke Fleurs weSuperSport kube nomthelela ekutheni umdlalo ushintshe ubavune.

“Ngesiwombe sesibili bese singcono kakhulu, sidlala ibhola lethu. Senze kahle ngisho nangaphambi kokuthi bathole ikhadi elibomvu.

“Ngemuva kwekhadi elibomvu sakhe amathuba amaningi okushaya amagoli, futhi sifake abadlali abahlaselayo.

“Bese bengaphelele ngakho akukho obekuzosilahlekela thina.

FUNDA NALA: IPirates iqine idolo ishaya iSekhukhune

“Besazi ukuthi bazozama ukuhlala emuva basivimbe ukuthi sibangene.

“Sifake abadlali abaningi okwenze ukuthi sakhe amathuba amaningi.

“Siqhubekile nokungqongqoza saze sathola igoli lokulinganisa kanjalo nelokuwina,” kubeka uMaduka.

Ukuwina kweRoyal AM kwenze yaqhubeka nomgqigqo wayo omuhle.

Leli qembu likaShauwn Mkhize lisendaweni yesithathu kwilogi.

IRoyal AM izobhekana neBaroka FC emdlalweni weligi olandelayo khona enkundleni yayo iChatsworth Stadium ngeSonto ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.