Bathethiswe qede bavuka indlobane abadlali beSundowns

UThemba Zwane weMamelodi Sundowns

Bathethiswe qede bavuka indlobane abadlali beSundowns

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kuningi okusafanele kufundwe abadlali beMamelodi Sundowns ngokudlala kwiCAF Champions League yize sebeke bayinqoba abanye babo phambilini, ngokubona kwenhloko yabaqeqeshi kuleli qembu uManqoba Mngqithi.

ISundowns izidlele amahlanga inqoba ngo 5-1 kwiCR Belouizdad yase-Algeria ngeSonto emdlalweni ka-Group B obseDar es Salaam, eTanzania.

Kudlalelwa eTanzania nje, yingoba lo mdlalo uqale wahlehliswa waze wagcina ngokuxoshwa e-Algeria ngoba leliya lizwe likholwa ukuthi iSundowns izofika ne-Covid-19 yaseNingizimu Afrika.

Kulo mdlalo iSundowns ikhombise uqala ngakho kodwa ukuthi ize ngani kodwa yalehlisa igiya sekukhishwe umdlali weBelouizdad ngekhadi elibomvu.

Lesi sitobha (uChouaib Keddad) sibambe ibhola ngesandla esikhundleni sokuliyeka lingene baqhubeke bazame kodwa besaphelele.

Kulapho uMngqithi ekholelwa khona ekutheni usemningi umsebenzi obahlalele ukuqinisa leli qembu ukhakhayi ngokufanele kwenzeke uma kudlalwa kwiChampions League.

“Kusize ukuthi sithethe ngesikhathi sekhefu ngoba kucaca ukuthi kukhona inkinga. Ngiyabonga kakhulu kubaqeqeshi engibambisene nabo ngokusheshe bayiqaphele ingozi.

“Ngemuva kokukhishwa komdlali wabo ngekhadi elibomvu sithe ukwehlisa kancane indlela yokudlala ngoba umqondo usuwazi ukuthi vele bayashoda.

“Ukuthambisela izitha ngoba ubuswa ukuthi azisaphelele yindlela yokwenza eyingozi kakhulu ikakhukazi emqhudelwaneni ofana neChampions League.

“Kusemqoka ukuthi abadlali beSundowns bakwazi lokhu ngisho belele ngoba izindlela zokudlala kulo mqhudelwano ziningi futhi zihlukene.

“Uma isitha sithambile ngandlela-thize kusemqoka ukuthi usicindezele kakhulu kunakuqala. Lokhu kuze kwenzeka esiwombeni sesibili ngoba sebethethisiwe.

“Kufanele kushintshe lokhu, ngokushesha futhi kodwa ngijabule ngokuthi sihleli eqhulwini eqoqweni esikulo,” kusho uMngqithi.

UThemba Zwane ushayele iSundowns amagoli amabili kwathi amanye ashaywa oPeter Shalulile, Lebohang Maboe noKermit Erasmus.

Iphutha likaRicardo Nascimento linike leli qembu lase-Algeria ithemba kodwa kwacaca ukuthi ompetha bango-2016 beChampions League bavutha amalangabi.

Kuphoqeleke ukuthi iSundowns ishintshe unozinti ngesikhathi uDenis Onyango ekhishwa khona ngoba eselimele.

“Angikholwa ukuthi yinto enkulu eyenzeke ku-Onyango ngoba bamgxobile elele phansi hhayi ukuthi mhlawumbe uklunyukile.

“Ngineme ngendlela uKenedy (Mweene) angene wadlala ngayo kodwa okuhle kakhulu ukuthi u-Onyango uyazihambela akasizwa nangezinduku. Siyavuma isikhathi sokuthi abhekwe kahle u-Onyango kwazise sinesikhashana ngaphambi kokuthi sidlale futhi,” kusho uMngqithi.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *