Batholakala besebenzise insangu abashiywa kwele-Under 23

Batholakala besebenzise insangu abashiywa kwele-Under 23 lama-Olympics
UMxolisi Sibam
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuqubuke izinsolo zokuthi kukhona abatholaka besebenzise ugwayi oluhlaza kubadlali abahlanu abajikiswa eqenjini lika-Under 23 ebelikuma-Olympics eTokyo.

Laba badlali abahlanu bashiywa eqenjini kwathiwa ‘kungenxa yezizathu zezempilo’ ezingadalulwanga ukuthi yiziphi. Kwasolakala ukuthi yingenxa yeCovid-19 kodwa kwaxaka ukuthi kungani pho kungashiwo kulokhu ngoba kuvamise ukumenyezelwa.

Ngokubika kweSunday World, akubona bobahlanu abadlali abadedelwa okwakungenxa yezizathu zezempilo. Kuthiwa kukhona okwatholakala ukuthi basebenzise insangu ngesikhathi behlolwa ekhempini ebiseMpumalanga.

Isikhulu esiphezulu seSAFA, uTebogo Motlanthe akazange aziphike kodwa futhi akazivumanga lezi zinsolo, wathi akakazi lutho hagzo okwamanje.

“Angikezwa lutho ngokusetshenziswa kwensangu ngoba angikawutholi umbiko wodokotela. Uma sekubuye imiphumela yokuhlolwa kwabo, futhi sengiwutholile umbiko, ngiyokwazi ukukhuluma ngalento,” kusho uMothlanthe.

Udokotela weSAFA, uDkt Thulani Ngwenya, yena uthe wayengekho kuleyo khempu, futhi noma ngabe wayekhona ubengeke adalule imiphumela ngoba iyimfihlo yesiguli nodokotela.

Imenenja yaleli qembu lika-Under 23, uMxolisi Sibam, naye uzihlangulile wathi akakwaziyo yilokho okwaziwa yisikhulu esiphezulu.

“Mina ngithola imibiko esuka kwiSAFA engingeke ngikwazi ukuyidingiga nawe. Anginalo ilungelo lokukhuluma nawe. Yindaba yeSafa le.

“Mina ngeke ngikwazi ukukhuluma, anginawo lawo mandla. Angiyena umphathi ngiyimenenja yeqembu qha,” kusho uSibam.

Kubukeka sengathi beziningi izinkinga ezikhungethe leli qembu. Sike sabika ngempelasonto edlule ukuthi kwashoda ozogadla kuqala phakathi komqeqeshi uDavid Notoane noSibam.

Laba ababili babanga ukufika sekwedlule isikhathi kwengxenye yabadlali enkundleni la iqembu elalizicijela khona ngaphambi komdlalo wokuqala.

Kwabuye kwasuka nesinye isixakaxaka abadlali besabisa ngokuduba umdlalo kulandela ukuxabana noSibam kubangwa indaba yemihlomulo nezinkontileka.

FUNDA NALA: Usehubha irekhodi likaNomvete noShoes uLindokuhle Mbatha weTS Galaxy

Elakuleli lihlulwe kuyo yomithathu imidlalo yalo kuma-Olympics. Lavula ngenduku kwiJapan, lalandela ngesinye isibhaxu kwiFrance.

Iphinde yasha induku emdlalweni walo wokugcina libhekene neMexico lihlulwa ngo 3-0 okuwumphumela oqinisekise ukuthi libuya lilambatha. Litheleke kuleli ngoMgqibelo emini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *