Bavotela abadlali abebevele bedlala abeChiefs nePirates

Kaizer Chiefs Carling Black Label Cup Orlando Pirates
UBernard Parker, Emmanuel Etoo noHappy Jele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Sithunyelwe

ICarling Black Label Cup inikeza abalandeni bezinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ithuba lokuba baveze izimvo zabo ngabadlali abafisa baqaliswe imidlalo.

Nokho kuvele kumangaze ukubona bebuyisela bona laba badlali abebevele beqala imidlalo. Babashiya ngaphandle laba abahlale bebakhalela ukuthi abanikwa ithuba.

Njengoba ibuya kulo nyaka le ndebe, abalandeli sebeqalile ukuvota. Ngokuhlu lwakamuva lwabadlali asebevoteliwe, akekho umdlali obengazange anikwe ithuba ngesizini edlule.

AbePirates baze bafaka noThulani Hlatshwayo abebemsola ukuba yikhongco elibuthaka isizini yonke. UHlatshwayo akabanga nesizini enhle njengoba egcine esenikwa ikhefu ngasekupheleni kwesizini.

Abalandeli ababili abazoba nenhlanhla yibo abayobe behlezi ebhentshini ngoJulayi 31 uma sekudlalwa lo mdlalo eFNB Stadium, eGoli. Kuyoba ngabalandeli abavotela abazoshintshwa kusetshenziswa iTwitter.

Nozokhahlela iphenathi uma kwenzeka ivela ngesikhathi umdlalo uqhubeka uzovotelwa yibo abalandeli. Ngokunjalo nokaputeni wosuku.

Isikhulu sakwaCarling Black Label, u-Arne Rust uthe le ndebe yenzelwe ukuklomelisa abalandeli. Uthe kuzosetshenziswa uTwitter kulokhu ngoba baningo abalandeli awawusebenzisayo.

“Sifuna ukubahlanganisa bese siqinisekisa ukuthi imibono yabo iyazwakala kwiCarling Black Label Cup,” kusho uRust. Akukavalwa ukuvota.

Ame kanje amaqembu avotelwe ngabalandeli okwamanje:

Kaizer Chiefs
Unozinti: Itumeleng Khune
Izitobha: Mulomowandau Mathoho, Daniel Cardoso, Siyabonga Ngezana, Reeve Frosler
Esiswini: Nkosingiphile Ngcobo, Njabulo Blom, Dumisani Zuma, Lebogang Manyama
Phambili: Samir Nurkovic, Khama Billiat

Orlando Pirates
Unozinti: Richard Ofori
Izitobha: Happy Jele, Thulani Hlatshwayo, Wayde Jooste, Innocent Maela
Esiswini: Ben Motswari, Vincent Pule, Fortune Makaringe, Thembinkosi Lorch
Phambili: Gabadinho Mhango, Zakhele Lepasa

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.