BAWELILE: uHunt uthi bakwenzile okubalulekile

Abadlali beKaizer Chiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Okunye nokunye akusabalulekile kwazise iKaizer Chiefs isisemaqenjini amane asele kwiCAF Champions League. Ukuthi umdlalo wayo neSimba SC eBenjamin Mkapa Stadium uphele abanye babalandeli sebevaleamehlo ngenxa yovalo akusasho lutho – okusalayo adlulile Amakhosi.

Bekuwumdlalo onzima eDaar Es Salam eTanzania ngoMgqibelo ntambama. ISimba ikuveze obala ukuthi kungani ingelinye lamaqembu ahlonishwayo ebholeni lase-Afrika, yize igcine ikhale ngaphansi ihlulwa ngo 4-3 sekuhlanganiswe imiphumela.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt uthe naye akazi ukuthi konakalephi ngoba bebewuqale kahle umdlalo. Nokho ujabule ukuthi babuye nawo umphunela abebewuhambele.

“Yilokho okubalulekile (ukudlulela phambili) ngemuva kwayo yomibili imilenze. Bekunzima namuhla. Kodwa sidlulile, futhi yilokho okubaluleke kunakho konke – sizikhandle kakhulu,” kusho lo mqeqeshi osenyamanambana kwabanye abalandeli beqembu.

“Bekungenangozi emizuzwini engu-20 kuya ku-25 yokuqala, kodwa bathole ikhona bakora ngayo. Baqale lapho ke basicindezela. Esiwombeni sesibili, bathole elesibili nelesithathu. Thina bese sivalele ukufa emuva.

“Bebesekhaya ngakho bekufanele basijikijele ngayo yonke into abanayo. Bebebeke abadlali abane phambili,” kuchaza uHunt. Uthe le wini akuyona eyakhe kodwa eyeqembu.

Uthe okwamanje sebezoke bakhohlwe kancane yiChampions League babhekane nemidlalo le emithathu abasele nayo kwiDStv Premiership. Amakhosi adonsa kanzima ke kwiligi njengoba esendaweni ka-11 ngamaphuzu angu-30.

“Kumele sigxile kwiligi manje ngoba kumele sinyuke, sisuke lasikhona njengamanje,” kusho uHunt.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.