‘Bayasithuka ababiza umqeqeshi ngoplamba,’ kusho uKhoza wePirates

'Bayasithuka ababiza umqeqeshi ngoplamba,' kusho uKhoza wePirates
UJose Riveiro namaphini akhe oSergio Almenara noMandla Ncikazi
Sbongs Gumbi

Kufana nokuthi bathuka yena uqobo usihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza abalandeli abathi umqeqeshi amqashile unguplamba.

Leli gama selithanda ukudla lubi ebholeli lakuleli kanti lisetshenziswa uma kweyiwa abaqeqeshi baphesheya uma bezosebenza kuleli.

Laqala ngomqeqeshi waseNigeria uStephen “Big Boss” Keshi osewadlula emhlabeni. Wayelisebenzisa ukucacisa ukuthi abanye babaqeqeshi baphesheya abazi lutho.

Kodwa uKhoza ukhale ngokuthi liyalumela leli gama ngoba linokudelela phakathi ekubeni bona benza ucwaningo ngaphambi kokuqasha umqeqeshi.

“Bekunzima ukucinga umqeqeshi. Senze ucwaningo olunzulu, sahlunga kwabaningi. Lokhu kuyethus auma ubheka ukuthi baningi kanjani abaqeqeshi abakhona,” kuchaza uKhoza kwabeSunday World.

“Uma ubheka abaqeqeshi abehlukene emaqenjini ehlukene, baningi abangakaze bawine lutho. Sithole esicabanga ukuthi usifanele njengeqembu.

“Okungijabulisile wukuthi kukhona abangazange balalele okushiwoyo kodwa bakhuluma nezintatheli zasezweni abesebenza kulo babuza ngaye.

“Abazange bavele babize lo mqeqeshi ngoplamba. Kubalulekile ukuphikisana ngebhola kodwa akube ngendlela eyakhayo.

“Abantu bahlezi befuna ukuphikisa nokudelela nje, abezi nazixazululo zezinkinga abasuke behlekisa ngazo,” kwengeza uKhoza.

FUNDA NALA: UMaluleka wadideka iSundowns imchitha kade bemncoma abaqeqeshi

Ukhuluma kanjena nje uKhoza abalandeli bakhwela badilika kwiPirates ngemuva kokuba imemezele ukuthi seyiqashe uJose Riveiro obengaziwa kuleli.

“Uma ubheka iqembu abeliqeqesha, uyabona ukuthi engawenza umehluko. KUsenelisile esikubonile nakuzuzile kuleli qembu abekulo.

URiveiro, oneminyaka engu-46 udabuka eSpain kanti ubeqeqesha iFC Inter Turku eFinland phakathi kuka-2019 no-2021.

Kuthiwa washiya kuleli qembu besamthanda ngoba ethi usefuna inselelo entsha yena njengoba esevumbuke kwiPirates nje manje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.