Bayifake amabhuleki iRichards Bay Abantu Bemthetho

UKhanyisa Mayo

OKADONGA GUMBI

Ifike yageja iRichards Bay eMbombela, yabuya nenduku yombamgandlala nemisila ingaphansi kwemilenze seyiwashiye wonke amaphuzu kwiTS Sporting.

IBay ithole induku ka 1-0, emjahe umdlalo usanda kuqala kanti uzophenduka utalagu, into engaficeki.

Bekungumdlalo oshubile kwazise womabili lamaqembu abewadinga ephelele amaphuzu njengoba eaemjahweni wesicoco seGladAfrica Championship.

Sekungamaphuzu amathathu kuphela ahlukanise la maqembu – iBay isaseqhulwini kanti Abantu Bemthetho basendaweni yesithathu.

ISporting isheshe yacacisa ukuthi ayifuni lutho ngaphandle kwamaphuzu agcwele ishaya igoli kusaphele imizuzu engu-15 umdlalo uqalile.

Kube nesidididi ebhokisini leNatal Rich Boyz, izitobha zambuka nje uDecide Chauke ephenduka waze wakhahlela, lakhala enethini.

Izamile iBay ukubuya, uKhanyisa Mayo elokhu ethumela amabhola anzima kodwa ngebhadi alikho elike lamxaka uMlungisi Maranti obesezintini zeSporting.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili iSporting icishe yalithola elesibili, kodwa uMalcolm Jacobs wanqaba.

Ithuba elibe wuqekelele leRich Boyz lakheke ngomzuzu ka-75, uLwandile Mabuya ezithola engamakiwe ebhokisini lezitha.

Nokho lo mdlali uvele watatazela, washaya into ephuma eceleni. Imizamo elandele lapho ayisizanga ngalutho.

USiyabonga Vilane naye ube neshwa ibhola abelingqofe engaphakathi ebhokisini leSporting laceza kancane phezu kwepali selimdlile uMaranti.

NoMohau Mokate ubethi uyaqeda ngoJacobs sekubalwa imizuzu umdlalo uphele, kodwa ibhola lakhe lavinjwa yipali.

Imiphumela yeGladAfrica Championship:
Cape United 1 Polokwane City 0; Free State Stars 1 Steenberg United 1; Uthongathi 1 University of Pretoria 0; Bizana Pondo Chiefs 2 CT All Stars 3; TS Sporting 1 Richards Bay 0; Pretoria Callies 1 Sekhukhune United 2

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.