Bayivove inkani iRichards Bay eKapa, yabuya ishwiba izandla

U-Eleazar Rodgers weCape United noThabani Dube weRichards Bay

OKADONGA GUMBI

Iphume ikhophozela selopha ikhanda iRichards Bay FC seyithole induku kwiCape United emdlalweni weGladAfrika Championship, eParow Park Stadium, eKapa ngoMgqibelo ntambama.

Umdlalo uqale ngegiya eliphezulu njengoba womabili amaqembu ebefisa ukusheshe athole igoli ukuze azobeke endaweni engcono.

Izinto ziqale ukubhimba kwiRich Boys ngomzuzu ka-28 ngesikhathi uSekela Sithole eqedela umnyakazo weSpirited Ones ngokubeka ibhola enethini.

Kuthe sekuzoyiwa ekhefini, iBay yazithola seyandiselwe isisindo njengoba u-Eyona Ndondo edabule inethi ebeka ezikaRoger De Sa phambili ngo 2-0. Nokho kuthe kusanda kubuywa ekhefini, yazibuyisa izinduku iRich Boys yenza kube ngu 2-1.

Kube yigoli likaThabani Dube alishaye ngomzuzu ka-58 elehkise isisindo lanika ezikaSimo Dladla nethemba kokuthi kukhona ezisangaphuma nakho kulo mdlalo obukhomba ukuba nzima kuyo.

Kuthe sekusele ngaphansi kwemizuzu eyishumi, neBay isizama iphindelela ukuthola igoli lokulinganisa, izinto zaphinde zabhimba njengoba inethi ivele yabhakuza ngakuyo.

Bekungumzuzu ka-82 ngesikhathi u-Edson Khumalo – obengene esuka ebhentshini ethatha indawo kaSithole – evele ephinda esenyusa isisindo kwiBay, eshaya igoli lesithathu.

Libonakale liyithikameza kakhulu iRich Boys leli goli, futhi kwacaca ukuthi amaphuzu amathathu azosala khona eKapa, Yona ibuyele ekhaya eMhlathuze ivathuzela, igodle induku yombangandlala.

Lokhu kuhlulwa kweBay kunike iSekhukhune United ithuba lokuqhwakela njengoba yona ikwazile ukuwawola wonke amaphuzu ishaya iCape Town Spurs ngo 2-0.

Amagoli eBabina Noko ashaywe ngoThabang Sibanyoni ngomzuzu ka-65, noKatlego Cwinyane ngoka-85. ISekhukhune seyinegebe lephuzu elilodwa phezulu njengoba inamaphuzu angu-34, nokho iBay usanomdlalo esalele ngawo emuva.

Imiphumela

Sekhukhune United 2 Cape Town All Stars 0; Cape United 3 Richards Bay 1; Pretoria Callies 0 Jomo Cosmos 0; University of Pretoria 0 Free State Stars 1

Imidlalo ngeSonto

Cape Town Spurs v Uthongathi; Royal AM v JDR Stars; TS Sporting v Bizana Pondo Chiefs

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.