Bazobusiswa ngezihlabani zakudala eMtshezi kokaPhumlani Mkhize

Bazobusiswa ngezihlabani zakudala eMtshezi kokaPhumlani Mkhize
UPhumlani Mkhize
Alfred Ngubane

Kuzosiphuka izidindi eWembezi Stadium eMtshezi njengoba kuzotholana phezulu iMC Tshatha XI nePhumlani Mkhize XI kule nkundla ngeSonto.

Lo mdlalo kuthiwa uhlelelwe ukusiza uMkhize osekuvele kaningana ukuthi udonsa kanzinyana empilweni njengoba amasenti esefana nabakhwekazi kuye.

UMkhize wazakhela udumo kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ayeyidabula kuthule umoya inethi esadlala kuwo. Ibhola elikhokhelayo waliqala kwi-African Wanderers la ayeyiphela endlebeni ezitobheni ebambisene noSibusiso Zuma noSiyabonga Nomvethe.

Lamaqembu azozwana amandla njena iMC Tshatha X1 ihambela phezulu njengoba isigoqile esifundazweni ishaya kwasani oluphambi kwayo.

Iholwa nguMlungisi Masinga wodumo kwiGolden Arrows noNduduzo Phakathi owazakhela igama kwiThanda Royal Zulu.

FUNDA NALA: Kuzoba ngozi makhaza kuMako wePirates olimale kabuhlungu

Leli qembu selihambele izindawo eziningi okubalwa kuzo Emsinga naseMpangeni lapho lalibhekene khona neqembu likaSiyabonga Sangweni wodumo kwi-Arrows nePirates.

Lo mdlalo uzoba ubhekwe ngabomvu njengoba kulindeleke abalandeli bezemidlalo bazibonele izilomo zabasakazi boKhozi FM ezinjengoKhathide “Tshatha” Ngobe, Sibongiseni “Ronaldo” Shangase nabanye abaningi.

Iqembu likaMkhize, owayedume ngelikaBMX ngezikhathi zakhe lona lizobe lihlombe ngoZuma, Nomvete, Mabhuti Khenyeza, Lesley Langa , Lucky “Y2K” Sibeko nabanye.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.