Bazobusiswa ngowezinkakha zeChiefs nePirates eMthonjaneni

Bazobusiswa ngowezinkakha zeChiefs nePirates eMthonjaneni
Uthabo Mooki
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Abalandeli beKaizer Chiefs nabe-Orlando Pirates ngaphansi kukamasipala uMthonjaneni bazothola ithuba eliyingqayizivele lokubuka izinkakha zabo zakudala kule mpelasonto.

Phela kulindeleke kusiphuka izidindi uma sekutholana phezulu izinkakha zlezi zimbangi zaseSoweto eMelmoth ngoMgqibelo.

Lezi zinkakha zizodlala umdlalo wazo njengoba kuzobe kuqedelwa imidlalo yeMayoral Cup ngoMgqibelo.

Ngokusho kwemenja kamasipala uMthonjaneni uPhilani Sibiya, konke sekumi ngomumo futhi izinkakha
abazimemile sezikuqinisekile ukuthi zizotheleka eMelmoth ngempelasonto.

“Umkhandlu wethu umatasa kulezi zinsuku nokuqedela imidlalo yeMayoral Cup.

“Eminye imidlalo ekhona, kuzobe kuqedelwa eyamanqamu ye-netball,” kuchaza uSibiya.

“Mhla ka-23 intaka izobe ibekelwe amazolo, lapho sibe nenhlanhla ukuthi sithole izinkakha zeChiefs nezePirates.

“Zizobe zisivakashele zizosinikeza umdlalo wekhethelo ozosikhumbuza izikhathi zakudala.

“Abazogcina ngokwenza lokho ngoba ekuseni kuzoba nama-coaching clinics.

“Okunye abazobe bekwenza ukuzobheka nekhono entsheni yakithi eMthonjaneni.”

Izinkakha zeChiefs zizobe ziholwa ngu-Abel Shongwe, kanti ezePirates zizobe ziholwa ngu-Eugene Zwane, ngokusho kukaSibiya.

“Bazobe bekhona noDoctor Khumalo, Derrick Spencer, Cyril Nzama, Frank Makua ukubalula abambalwa kwiChiefs.

“Ngapha kwiPirates kuzobe kukhona u-Edward Motale, Phiri Tsotetsi, Jerry Sikhosana, Steve Lekoelea nabanye,” kusho uSibiya.

Uthe imidlalo izobe ivulelekile njengoba sekuvunyelwe ukuthi kungene abantu abangu-2000 enkundleni ngaphansi kukaLevel 1.

FUNDA NALA: UNdengane ufuna iMaritzburg ivuke ngeBucs

Ugcizelele ukuthi bazoyilandela ngendlela imigomo yeCovid-19, kanti bonke abantu abazobe beze kule midlalo bazonikwa izifonyo nama-sanitiser esangweni.

Izinkakha zeChiefs ezilindelwe kulo mdlalo: Tladi Mathibe, Isaac Mabotsa, Peter Mashite, Fabian McCarthy, Cyril Nzama, Derrick Spencer, Doctor Khumalo, Jacob Tshisevhe, Frank Makua, David Modise, Abel Shongwe, Benjamin Reed, Reneilwe Letsholonyane, Nhlanhla Kubheka noThabo Mooki.

Izinkakha zePirates ezilindelwe: Williams Okpara, Phiri Tsotetsi, Edward Motale, Mandla Zwane, Lucky Lekgwathi, Innocent Chikoya, Abednigo Netshodwe, Joseph Makhanya, Naughty Mokoena, Josep Ngake, Steve Lekoelea, Aubrey Lekwane, Teboho Moloi, Thapelo Liau, Eugene Zwane, Jerry Sikhosana noJames Mothibi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.