Bazoguga iphakethe abafuna uKutumela weMaritzburg

Thabiso Kutumela Mamelodi Sundowns
UThabiso Kutumela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IMaritzburg United isibonile ukuthi kuncane engakwenza ukuvimbela umdlali wayo obevelele ngesizini edlule, uThabiso Kutumela ekutheni adlulele kwelinye iqembu.

UKutumela ube nesizini enhle waze waqokwa njengomunye wabadlali abebevelele emiklomelweni yePSL yokuvala unyaka. Nokho ukhale ngaphansi le ndondo yahamba noPeter Shalulile weMamelodi Sundowns.

Impempe seyithole ukuthi laba badlali kungenzeka badlale eqenjini elilodwa ngesizini ezayo. ISundowns ivele iyamhalela uKutumela futhi ungomunye wabasohlwini lwebafunayo.

NeMaritzburg kuvele ukuthi ayisenankinga nokumdedela, kuphela nje uma iqembu elimfunayo lizokhokha. Umthombo osondelene naleli qembu laseMgungundlovu uthe seyinqunyiwe imali eliyifunayo ngoKutumela.

“Sebekuvumile ukuthi uyahamba ngoba kukhona iqembu laphesheya elimfunayo eBelgium. Nakuleli iSundowns seyike yazidlisa satshanyana ifuna ukwazi ngaye.

“Kukhona nelinye lakhona kuleli engingeke ngilisho okwamanje kodwa nalo liconsa amathe impela. Yingakho ke abaphathi sebevele babeka isamba sikaR15-million ukuthi omfunayo akafike efumbethe sona kuzoxoxwa,” kusho lo mthombo.

Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi ukuvezile ukumhalela kwabo uKutumela ngasekuqaleni kweviki. UMngqithi uthe kudala amthanda uKutumela.

“Ngiyamthanda. Anginaso isiqiniseko sokuthi uyeza yini eqenjini noma cha, kodwa yena ngiyamthanda kakhulu,” kusho uMngqithi.

“Ungumdlali omuhle kakhulu futhi ngamthanda kusukela kudala nje… ungambuza naye uzokutshela. Kusukela esekuBaroka kuze kube manje,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eMzimkhulu.

ISundowns iyaziwa ke ukuthi ayigodoli nemali futhi umdlali uma seyimfuna ayivamisile ukungamtholi. Sizolikhu silulandela lolu daba sikwazise uma kukhona okusha okuvelayo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.