Bazokhohlwa yizembe kancane abeChippa nabeTshakhuma uma sebedlala owamanqamu

UDylan Kerr

OKADONGA GUMBI

Umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila, uDylan Kerr ufuna bazinikele ngendlela efanayo nabenze ngayo behlula iKaizer Chiefs abadlali bakhe uma sebedlala owamanqamu neChippa United ngoMgqibelo.

Lamaqembu yiwo azokhiphana inkani kwiNedbank Cup eFree State Stadium, eBloemfontein ngoMgqibelo kanto womabili ahambela phezulu njengoba ebuya ekuwineni.

ITshakhuma ishaye iChiefs ngo 2-1 emdlalweni weligi ngoLwesibili kanti iChippa yona ishaye iStellenbosch ngo 1-0 ngempelasonto edlule.

“Ngithemba ukuthi sizokwazi ukuphinda sidlale ngendlela efananyo noma senze kangcono kunale esidlale ngayo sibhekene neChiefs uma sesidlala owamanqamu. Ngibatshelile abadlali ukuthi into ebalulekile wukuwina indebe hhayi ukuthi bazothola malini ngalokho.

“Ngumdlalo wamanqamu lona, ngakho umgqigqo wakwiligi ayisebenzi. Abadlali bajabule futhi bafuna ukuziveza. Kuleli viki besizilungiselela futhi akuzange kube khona olimalayo, okuyinto engajwayelekile.

“Ngumdlalo obalulekile eqenjini nakubadlali, kungenzeka leli kube yithuba lokuqala lokugcina kulaba badlali lokudlala kowamanqamu. Izimbangi zethu nazo zithole imiphumela emihle kusukela kufilke umqeqeshi omusha (uVladislav Heric),” kusho uKerr.

UHeric yena uthe bazoke bakhohlwe isikhashana ukuthi babhekene nezembe bese bezinikela ngakho konke kowamanqamu ngoba yithuba lokuqopha umlando.

“Silindele umdlalo onzima. Kungenzeka ungahehi… kodwa ngikholwa wukuthi abantu bazobuka ibhola elihle. Kumele singakulibali ukuthi womabili lamaqembu alwela ukuvika izembe. Angazi ukuthi bona bazomisa kanjani kodwa thina sizozisebenzisa zonke izikhali zethu,” kusho uHeric.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.