‘Bazomdlisa ngezembe lo’ kusho umphathi weSwallows

'Bazomdlisa ngezembe lo' kusho umphathi weSwallows
UDavid Mogashoa noPanyaza Lesufi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umphathi weSwallows FC uDavid Mogashoa usevele wavuthela, wathela nesikhuthazi emlilweni ovele ukhomba ukushisa izikhotha.

UMogashoa uphanyeke kwiTwitter inkulumo esuse ukukhuluma nokubonakale sengathi uyibhekise kuTim Sukazi weTS Galaxy.

Le nkulumo uyiphanyeke ngemuva kwesixakaxaka esenzele e-Orlando Stadium la uSukazi enqatshelwe khona ukungena egunjini obekushintshela kulo iqembu lakhe.

IGalaxy ifake ividiyo kwiTwitter iveza lesi sehlakalo la uSukazi ebedudulana khona nonogada efuna ukungena ngenkani kuleli gumbi.

UMogashoa uvele wadida abaningi ke yena ngale nkulumo yakhe engathathwa ngokuthi iyalingcolisa igama lePSL.

“Okwenzeke kuTim Sukazi e-Orlando Stadium kuyaphoxa, akwemukelekile futhi akufanele kwenzeke.

I-PSL kumele ivele isiphuce izimvume zokungena enkundleni ukuze singezuyihlupha ezinkundleni,” uqale washo kanje uMogashoa.

Ube esephinda ethi: “Lo ukhuluma kakhulu. Ba zomdlisa ngezembe. Kulungileke… Awuthi ngizibukele iF1.” 

FUNDA NALA: ISundowns iphinde yalandisa igebe layo

Yize engashongo ukuthi uqondise kuSukazi, kodwa kubonakale sengathi uqondise kuye ngenxa yokuvela kokuthi iGalaxy ifuna ukuvulela iPirates icala kwiPSL.

Usihlalo wePirates ngu-Irvin Khoza obuye abe ngusihlalo wePSL osehlale kulesi sihlalo iminyakanyaka.

Uma ebuzwa ukuthi ngabe uqonde ukuthi ngabe abantu abathile yini kanti abanqumayo ukuthi yiliphi iqembu elizodliwa yizembe, uvele wangaphendula.

Le nkulumo yakhe inobungozi bokuveza isithombe sokuthi ibhola lakuleli alidlalwa enkundleni kodwa imiphumela inqunywa emahhovisi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.