Bazowucazelana abeTshakhuma u-R7-million abawuwine kwiNedbank Cup

Abadlali beTshakhuma Tsha Madzivhandila nendebe yeNedbank Cup

OKADONGA GUMBI

Usihlalo weTshakhuma Tsha Madzivhandila, u-Abram Sello uthi uzowunika bonke abasebenza eqenjini ukuthi bawucazelane u-R7-million owinwe yileli qembu ngokunqoba kowamanqamu kwiNedabank Cup.

Itshakhuma ishaye iChippa United ngo 1-0 ngoMgqibelo ukuze ibe ngompetha beKe Yona. Ibe seyinikezwa nesheke lika-R7-million.

“Ngizowukhipha wonke u-R7-million uye kuzo zonke izinhlaka zeqembu, kusuka kulabo abahlanzayo,” ucashunwe esho kanje uSello kwiTimesLive.

“Wonke umuntu okhona eqenjini uyisebenzele kanzima le mpumelelo, akubona abadlali kuphela. Zonke izinhlaka zeqembu kumele zithole ukuze zigqugquzeleke ukusuka lapha siye phambili.

“Kuyisiko lami njengomholi nosomabhizinisi ukuthi ngihlale ngigqugquzela abantu engisebenza nabo ngoba lokho kwenza bawakhiphe wonke amandla abo,” kuchaza uSello.

USello uyitakule isosizini iTshakhuma ebingaphansi kukaMasala Mulaudzi owaphelelwa yizimali esanda kuthenga isitifiketi seBidvest Wits.

Isimo eqenjini sesingcono kakhulu kusukela ingene esandleni sakhe kanti nabadlali sebeholelwa ngesikhathi futhi nezinsiza banazo zonke.

“Sakhuluma ngendaba yemihlomulo ngaphambi komdlalo wamanqamu, ngabatshela ukuthi abalinde baze balethe indebe nesheke bese sikhuluma.

“Ngathi wonke umuntu ofake isandla kulo mqhudelwano uzothola umhlomulo uma siyitholile indebe. Sekuzoba ngawo ke amagama enkehli ngoba indebe isiwiniwe,” kusho uSello.

Uthe kuzoba nekomidi elizobhekelela ukuthi zonke izindleko abangene kuzo ngesikhathi bedlala lo mqhudelwano ziyakhokhelwa bese lihlonza ukuthi izocazwa kanjani imali ezosala.

USello uzothemba ukuthi lokhu kuzlifaka amandla athe xaxa iqembu lakhe kwazise lizodinga ukuwina cishe yomine imidlalo elisalele kwiDStv Premiership ukuze livike izembe. Itshakhuma iphefumula ngenxeba kwiligi njengoba isendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-25 ngemuva kwemidlalo engu-25.

Isalelwe yiSuperSport ezodlala nayo ngoLwesithathu, bese kuba yiMaritzburg United, Baroka, Chippa bese ivala isizini ne-Orlando Pirates.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA 

Leave a Reply

Your email address will not be published.