Bazozicijela i-AWCON ngomdlalo onzima abeBanyana

Tiisetso Makhubela
UTiisetso Makhubela weBanyana Banyana
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Umqemqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis umemezele iqembu lakhe azozwana nagalo amandla nelaseNetherlands emdalwen wesihle neNetherlands eZwolle zngoJulayi 3. Lo mdlalo ungeminye yokuzicija ehlelelwe leli qembu ngaphambi kokuqala kweyokuhlungela iCAF African Women’s Cup of Nation (AWCON) okulindeleke iqale ngasekupheleni konyaka.

Abadlali beBanyana kulindeleke ukuthi bonke bangene ekhempini ngJuni 21 ukuze baqale balungiselele lolu ha,mbo lwase-Europe ekupheleni kwenyanga.

U-Ellis uqoke isikwati esinesipiliyoni, wabuya wasithaka nangabadlali abasafususa. Kulesi sikwati kubuye obengukaputeni isikhathi eside, uJanine Van Wyk no-Ode Falutudilo ababuya eScotland la iqembu labo liwine iligi.

Kulo leli qembu, u-Ellis ubize noJermaine Seoposenwe, uNoko Matlou noThembi Kgatlane beqembu iSD Eibar yaseSpain ababekhona ngesikhathi benqoba umdlalo wesihle neBotswana neZambia.

“Sijabule kakhulu ukuthi sidlale imidlalo yamazwe ngamazwe njengoba kade singadlali isikhathi esingangonyaka ngenxa yeCovid-19,” kusho u-Ellis.

“Ngimagange ukubona isasasa nendlela laba badlali bethu abasuka phesheya aboze beyiyo. Siqoke iqembu labadlali abakhulile futhi laba ngabadlali abazohola leli qembu ukuya eNdebeni yoMhlaba ngo-2023.

“Sizobe sibhekene nqembu elinzima kakhulu laseDutch elikleliswe kunombolo 3 emhlabeni, nokuyimanje lizilungiselela ukudlala kuma-Olympic Games eTokyo. Thina sizilungiselela ukudlala kwi-AWCON nayo ezadlalwa kuwo lo nyaka.

“Ngikholwa ukuthi ikhempu yethu izoba nesasasa kakhulu njengoba nginabadlali abasuka phesheya nabadlali abagijima kwiHollywoodbets Super League neSasol League.

“Ngizokube ngisebenza nabadlali abacijiwe baseNingizimu Africa yingakho ngingasakwazi nokulinda ukuthi kuqale le khempu,” kuchaza u-Ellis.

Isikwati seBanyana Banyana

Onozinti: Andile Dlamini weMamelodi Sundowns; Kaylin Swart weJVW FC; Regirl Ngobeni we-UWC

Izitobha: Janine Van Wyk weGlasgow City; Tiisetso Makhubela weTUT; Noko Matlou weSD Eibar; Bambanani Mbane weMamelodi Sundowns; Karabo Dhlamini we-University of Nothwestern, eOhi0; Bongeka Gamede we-UWC

Abasesiswini: Kgaelebane Mohlokoana weBloemfontein Celtic; Ongeziwe Ndlangisa weSunflower FC; Oratile Mokwena weMamelodi Sundowns; Mamelo Mkhabane weJWV FC; Nomvula Kgoale weTUT; Robyn Moodaly weJVW FC; Noxolo Cesane we-UWC; Gabriela Salgado weJVW FC.

Abagadli: Thembi Kgatlane weSD Eibar; Jarmaine Seoposenwe weSporting Braga; Lelona Daweti weMamelodi Sundowns; Sibulele Holweni we-UWC; Ode Fulutudilu weGlasgow City

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.