‘Bekufanele siyishaye iChiefs,’ kusho umqeqeshi weCape Town City

Mthokozisi Mncuseni

UKHOMBISE izimpawu zokunengeka ngemuva kokushaywa yiKaizer Chiefs umqeqeshi weCape Town City, uJan Olde Riekerink, emdlaweni weDStv Premiership ngoMgqibelo eCape Town Stadium.

IChiefs ishaye amagoli amabili emizuzuwini yokuqala engu-20 okuyisona lesi sikhathi lo mqeqeshi akhombisa ukucasuka uma ekhuluma ngaso.

Kube uNkosingiphile Ngcobo noHappy Mashiane abashaye amagoli kwiChiefs kwathi elokubika ekhaya leCity lashaywa uFagrie Lakay.

Iqiniso lapha ukuthi iChiefs iphume sekuvalwe amehlo kwazise amathuba atholwe iCity ekugcineni abelula kodwa ethusa uma inhliziyo yakho ilandela Amakhosi.

“Bekufanele siyishaye iChiefs. Abadlali esinabo banawo amava okuwunqoba kalula umdlalo ofana nalo wanamuhla (ngoMgqibelo). Ngiyalincoma iqembu lami ngamandla eliwakhombise esiwombeni sesibili. Sibe nebhadi kwamanye amathuba kodwa ngikholelwa ekutheni bekumele siwine,” usho kanje uRiekerink ngemuva komdlalo.

Uyakhala lo mqeqeshi ngemizuzu yokuqala engu-20 ngoba kulapho athe izinkinga ziqale khona.

“Angazi yini ebidala ukuthi singahleleki ngendlela emizuzwini yokuqala. Ibhola besibapha nabo basiphe angazi nje. Ezikhathini ezimbili sibaphe ibhola balishaye phakathi. Sizamile nokho kodwa akufananga nje nale eminye imidlalo.”

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *